... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Engesiye Owomunye Wethu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 9:38-41 UJohane wayesethi kuye: “Mfundisi, sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; samnqabela ngokuba engasilandeli.” Kepha uJesu wathi: “Ningamnqabeli, ngokuba akakho owenza umsebenzi wamandla ngegama lami ongasuka masinyane, akhulume kabi ngami. Ngokuba ongamelene nathi ungakithi. Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.

Listen to the radio broadcast of

Engesiye Owomunye Wethu


Download audio file

Kuhlale kungapheli ukumangala kimi ukuthi sesibe nobandlululo olungakanani ,sazenza iqoqwana elithe qekelele .Lokhu kwenzeka kwezemidlalo .

Kulungile ke lokho.Kwenzeka kwipolitiki okuyindawo engicabanga ukulindele kuyo .Kodwa kwenzeka ngezindlela  ezingubusululu eziningi,ngezindlela ezenza abanye bakhabeke eceleni .

Uthanda ungathandi ,siyathanda ukuzichaza sizihlakunise kwabanye ngokwamazinga omnotho esikuwo .Ngamanye amazwi abacebile baphila nabacebile ;abaphakathi nendawo baphile nabanjengabo nabo ,abampofu baphila nabampofu .

Yebo zikhona izingxenye la okungabi njalo khona ,kodwa akujeqeze la okhona . Yiyona ndlela okugcina kuyiyona .

Phezu kwalokho sinomqondo wokufuna ukuqhela kubantu ababukeka behlukile kithi ,bezwakala behlukile ,abacabanga ngokuhlukile  kunathi .Nginesiqiniseko uma singacabanga ngalokho ,singazithola izibonelo zokunjalo esikwenzile nesikwenzayo ezimpilweni zethu uqobo .

Ukubona ngisho phakathi kwamakholwa ,mina ngingowesizwe esithile wena ungowesizwe esithile ,,,hhayi isizwe nje sesikhumba nolimi kodwa inqubo yakho nenqubo igcine ingubuzwe ngokwayo  isehlukanise ….size zithi kuzongisiza ukuqhela kulaba abafani nathi .

NgokukaMarkhu  9:38-41 UJohane wayesethi kuye: “Mfundisi,

sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; samnqabela ngokuba engasilandeli.”

 Kepha uJesu wathi: “Ningamnqabeli, ngokuba akakho owenza umsebenzi wamandla ngegama lami

ongasuka masinyane, akhulume kabi ngami.  Ngokuba ongamelene nathi ungakithi. Yilowo nalowo

oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.

Ungasheshi ukwahlulela .Ungasheshi ukwakha izindonga .UJesu wasifela sonke  bese lithi iculo : “ wabafela abantu bonke ukuze basinde” .Lidwebele lelo  “sonke” “Bonke”.  

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.