Igagasi Lesibusiso
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
NgokukaJohane 7:38,39 Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.” Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.
Ngakube sewake wazizwa ugcwele intokozo ,eluhlobo oluhlalayo ngisho kuthiwa sekunezingxaki zempilo –ngangokuthi awusakwazi ngisho ukuyigcina ngoba iyaphuphuma?
Mhlawumbe uyacabanga ukuthi hhayi bo intokozo esikhathini sezingxaki ? Kwake kwenzakaphi lokho ? Hlala nami ungasuki .
Ngiyazi kulungqubuzano olukhulu ,kodwa ngokweqiniso injabulo emnandi esikhathini sokuxakeka ,yinto le ekhethekile ukuyizwa ubumnandi bayo .
Ngoba kulesosikhathi sisuke simelwe ngukuzizwa siphuphutheka sixakekile senze njani ,kuwutwa phezu kotwa ,angithi? Ingqondo yethu isitshela lokho ,nokho akumele kube kanjalo .
Emgubhweni omkhulu eJerusalema uJesu wasukuma wema washo lokhu ezixukwini :
NgokukaJohane 7:38,39 Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi
aphilayo.” Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.
Yingakho abaholi bezenkolo babefuna ukumbulala –kwakungukuhlambalaza kwempela lokho ngoba wayeqonde ukuzibiza ngoNkulunkulu
Kodwa iphuzu lakhe kwabe kungukuthi ubukhona bakhe buzosigcwalisa ngezikhukhula zesibusiso .
Hhayi nje umfulakazi owodwa mhlawumbe i-Nile noma i-Amazon kodwa imifulakazi yamanzi okuphila ! UMoya Ongcwele .UNkulunkulu uqobo ,nkashana owomileyo efika ezophuza kuJesu ,lamanzi empompoza ngokunamandla esingenakuwakha aphele ,angenakusha futhi .Imifulakazi ! Intokozo yoqobo ! Igagasi lesibusiso .UJesu
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.