... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Inhlakanipho Okunzima Ukuyemukela

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 2:7,8 Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu, kusukela kwaphakade, okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo

Listen to the radio broadcast of

Inhlakanipho Okunzima Ukuyemukela


Download audio file

Izikhondlakhondla zakulomhlaba ,osozigidi  ,abaphathi bama social media bonke banento eyodwa efanayo . Njengamanje baphethe amandla okushanela kwasani ilandele bona ,kodwa masisha bazodlula emhlabeni .

Sewake wacabanga ukuthi yini elola indlela yokucabanga kwakho ?Hloboluni lwezinto ezakhe izibuko obuka ngazo izinto ezenzeka esizweni namhlanje ,nakho konke lokho okwenzeka empilweni yakho  ?

Okuyikho okwakha inhlakanipho sekugudluziwe ,kulelikhulunyaka nje elincane elilodwa .Indaba ingokukhohlwa izindlela zokuziphatha zakudala kodwa kuhanjwa ngezintsha ,singathini mhlaphe sithi  kuyashibilikwa endabeni yokuziphatha  kulandelwa intshelelezi etsheni qede unyawo shwi luye la iluyisa ngakhona Imiphakathi inokuhlukanapha  okuningi .Futhi  izinxushunxushu zibangelwe ngukukhuluma kwabantu abambalwa abayiteaspon olwandle kodwa abanamandla amakhulu .

Kukho konke lokho  nangu uJesu evela enenhlakanipho esiyaziyo ,ekujuleni ,esebenzayo-kodwa inkinga kwabaningi okunzima ukuyimukela .Nakhu  la khona uPhawuli umphostoli ebhalela  abaseKhorinte .eminyakeni engu 2000 eyadlula ,:

1 KwabaseKhorinte  2:7,8 Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu

emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu, kusukela kwaphakade, okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo

Kwakudinana kucikana kanjalo ukuhlakanipha kukaNkulunkulu mumva ,ngangokuthi baze babethela uJesu esiphambanweni  ngenhloso yokukuphika nokunekela izwe akuyinto yalutho .

Abaphathi bamandla nabalandeli babo selokhu kwathi nhlo bayakuphika  bakulahle lokhukuhlakanipha kwakhe [ngakho akukho okusha kulokho ]  .Ekugcineni kwakho konke uma babekuqonda  babengeke bambethele uJesu esiphambanweni.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje