... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Inhlakanipho Phambi Kokuba UMhlaba Usekelwe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 2:6,7 Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha kambe okungesikho okwalesi sikhathi nokwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo. Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu, kusukela kwaphakade

Listen to the radio broadcast of

Inhlakanipho Phambi Kokuba UMhlaba Usekelwe


Download audio file

Ama newsfeed kulezinsuku kwezokuxhumana agcwele inhlakanipho eningi yawo asihehela nasibizela kuyo  esitshela ngobuhle bayo ngokuhlukahlukana kwayo .

Ziningi zihlukahlukane izihloko ozithola khona kungaba zeluleko ezingavamile zezokudla ,izimpikiswano kwimqondokuphila  ethile ,ukuveza ukuthi owesifazane wazilimaza kanjani  emsebenzini wakhe  wokuqwayiza ngokuthi abe ngoshendezeya eceleni.

Uthi mawuzilalela uze uthi kushukuthi lomhlaba esikuwo uloyiwe uqobo .

Okumangazayo  ngukuthi lenkilakayitheka ibizwa iphakanyiswe ngokokuthi yinhlakanipho yilabo bakulomhlaba .Ngisho amaphephabhuku abesifazane  ubelokhu eqhakambisa  lezihloko iminyaka !  Ngiyazibuza ukuthi awukaze yini ulingwe ngukugwinya  yonke lento .

Ngokokuhlukile ,nangu uPhawuli umphostoli eqondisa ibandla elabe ligwinya  umqondo owabe ungaqhelile kakhulu nalona ,lokhu kwenzeka eminyakeni eyizinkulungwane ezimbalwa ezedlule :

1 KwabaseKhorinte  2:6,7 Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha kambe okungesikho okwalesi

sikhathi nokwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo. Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu

emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu, kusukela kwaphakade

Inhlakanipho kaNkulunkulu ingebukeke ingehehanayo njengezinhlakanipho zakulomhlaba zinjalo , kodwa uthando ,inhlonipho ,intobeko ,ukuthethelela ,ubuhle  siyazi ukuthi yilapho inhlakanipho yoqobo kuyiyo futhi siyazi iyasebenza.

Ungakhohliswa yinhlakanipho yabantu abazodlula masisha .Ngoba  ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethuYilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.