... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Into Esemqoka Ngukuthi Ulinda Kanjani

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 130:5,6 Ngiyalindela uJehova ,umphefumulo uyalinda;ngiyalethemba izwi lakhe .Umphefumulo wami uyalindela iNkosi,kunabalindi belindela ukusa.

Listen to the radio broadcast of

Into Esemqoka Ngukuthi Ulinda Kanjani


Download audio file

Ngeke ukwazi ukufunda ibhayibheli isikhathi esihle  ungazange wafika esiphethweni esingajabulisi.UNkulunkulu ubheke kithi ukuba sibekezele. Futhi ukuthola ukukwazi ukubekezela kusesikhathini lakhona silinda  esisuke sixolela ukukubona njengesenzo esivela kwi –side likaNkulunkulu.

Sonke sihlukile .Abanye abantu bangosuka ahlale ,abanye bazibekele umoya phansi .Nami nginguloyo ongusuka ahlale ,ngakho lendaba yokulinda uNkulunkulu  ukwenza izinto ayikaze ibe yinto engidalwe ngayiyo ngokwemvelo yami kodwa ngiya ngokuya  ngikhula kuyo.

Babo ,phela mina ngiqonde la esikhathini khona ufuna izinto zenzeke khona manje ngokushesha ,angithi? Lakhona udinga ukusindiswa emzimbeni ,lakhona ubhekene nobunzima obuthile ,ufuna uNkulunkulu abulungise hhayi ngesonto elizayo noma ngenyanga ezayo .Umfuna akulungise khona namhlanje !

Ngakho into elula ukuyenza ,ngukulinda kuNkulunkulu  kwazise phela awuna choice enye ,kodwa ukwenza ngomoya ongemuhle .Ugcwele ukuhlulwa ukulinda ,unokukhalaza enhliziyweni yakho ,ngiqinisile mangisho njalo? Cishe yilokho kanye umhubi ayekuzwa ngamhla ebhala lamagama :

AmaHubo 130:1,2 Ngikhala kuwe Jehova ngisotweni phansi .Nkosi yizwa izwi lami;izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Sonke sesike saba kulesosimo ;sonke siyakuthola lokhu.kodwa kumavesi ambalwa ngenzansi uqhubeka athi ….

Amahubo 130:5,6 Ngiyalindela uJehova ,umphefumulo uyalinda;ngiyalethemba izwi lakhe .Umphefumulo wami uyalindela iNkosi,kunabalindi belindela ukusa.

leligama elithi ukulinda la lisho ukulinda ngokubheka ngethemba okuzokwenzeka ,ngokugcwala ithemba ukuthi uNkulunkulu nakanjani kukhona azokwenza .Siba kanjani nalelothemba ? Yingoba ithemba lakhe liseZwini likaNkulunkulu ,eliphilayo nelisebenzayo ,eliyoma ingunaphakade naphakade lingapheli amandla .

Linda ngesineke ngethemba eZwini . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..