Ngaphezu Kokwanela
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
2 KwabaseKhorinte 12:8,9 Ngayo-ke nganxusa iNkosi kathathu ukuba isuke kimi. Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.
Sewake waphicizeka umunwe yisicabha ? Kade usathi uziculela kamnandi ungazelele ,bhaah isicabha sikucindezele umunwe kunsonsothe inhliziyo .Lapho ubuhlungu buhambe nengalo yonke baze bayofika engqondweni ! Hheeyi kubuhlungu boh.
Yonke ingxenye yomzimba wakho iright ayinankinga ,kahle hle konke empilweni yakho kukahle .Kodwa kuvese kwaphela konke emva kokubambeka nje komunwe wakho ,kwamnyama amehlo wangabe usakhumbula nokuthi ubuzihlabelelela uthokozile ,lobuhlungu bakuphuca konke ukwenama kwakho osukwini olumnandi lwakho .
Ngisho kungathiwa sekuqala ukuphola kancane emva kwesikhathi kodwa lobuhlungu obuzwile buse fresh enhliziyweni nasengqondweni .
Kuba ncimishi njengaleyonto eyodwa empilweni yakho obufisa sengathi ngabe ayibanga khona .Wonke umuntu unayo into eyodwa emxakile ,noma ngabe yini kodwa yona ikhona .UPhawuli umphostoli wabe eneva enyameni yakhe ,mumva le kudalo –singathi ngokwesisho nawe uneva lakho elikuququdayo . Mumva le wabhala lamagama :
2 KwabaseKhorinte 12:8,9 Ngayo-ke nganxusa iNkosi kathathu ukuba isuke kimi. Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.
Kwesinye isikhathi siyathandaza ukuthi uNkulunkulu alisusue kodwa lutho alisuki .Ngani ingempela ? Ngoba ufuna uthole umusa wakhe ,izibele zakhe .uthando lwakhe oluza kuwe ungalufanelwe .
Noma ngabe yini obhekene nayo umusa kaNkulunkulu ukwanele .Uhlala ukwanele futhi uyohlala njalo ukwanele .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.