... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngiyakuthanda Nkosi !

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

IHubo 18:1,2 Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami. Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.

Listen to the radio broadcast of

Ngiyakuthanda Nkosi !


Download audio file

Incane into eqhaqhazelisana njengozamazama komhlaba . Cabanga umhlaba omi kuwo undindizela ,kungubuzizi,uyazibona sekuphahlake kwazingcungcu isakhiwo kuso qede kwangyimfuthumfuthu yamabibi wena awusabonwa nakubonwa emva kwalokho .

Ngokwabakwa  livescience.com, ukuzamazama komhlaba okwakunizma kakhulu kukho konke okwake kwenzeka kuqoshwe ukwenzeka kwakho mhlaka  22 May , 1960, e Valdivia, Chile.

Kwafa abantu ababalelwa ku  1,655  izinkulungwane  eziningi ezinye zalimala izigi zabaningi zasala dengwane zingasenamakhaya .Lokuzamazama  komhlaba kwaqhumisa itsunami  eyabulala kude le kuze kuyofika  ezindaweni  e- Hawaii, Japan nase Philippines.

Silindile inhlabathi engaphansi kwezinyawo zethu ibe ngeqine ngokusatshe .Futhi ngokwethembeka imvama injalo .Kuyathukela kuqhumbuke lezizehlo zemvelo eziyincithakalo . Kodwa azibona ogqwagqwa lezo ezizamazamisa zishukumbise zichithe izimpilo zethu .

Kwesinye isikhathi  kungenxa yezinto ezenzeka kithi.Kwesinye isikhathi inxushunxushu isuke iqubuka kithi ngaphakathi ,esuke isihleli iminyaka andukuba iphenduke intabamlilo .

Uma ngibuka emumva kunezinto ezazimbi ngalendlela yokuthi angifiseli ngisho isitha sami esedlula zonke ?

Yikuphi esikudingayo kulezokhathi lakhona  izisekelo ezeseke izimpilo zethu kuyizo ezizamazamayo ,zithu vu phansi ,nxa konke lokho esizakhele khona kuziswambithi kutheleka phansi ,kusho ukusikhipha umphefumulo ….lokhu okuyinhlabathi eqinile ezinyaweni zethu .

IHubo  18:1,2 Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami. Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.

Vumela uNkulunkulu abe lidwala lakho  nawe.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.