... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ufasiwe Ngebhande ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 1:32,33 Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala ,nokunganaki kwabayiziwula kuyakubabhubhisa ,kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile,agcineke ,angabi naluvalo ngokubi.

Listen to the radio broadcast of

Ufasiwe Ngebhande ?


Download audio file

Uthanda ungathanda izingxaki zizokwehla phezu kwezimpilo zethu izikhathi ngezikhathi.Usazitshela nje ukuthi yonke into ihamba kamnandi ,gulukudu nazi izinkinga zingena ! Zivese zithi thushu singazilindele ,futhi lokho kwethuka kuvese kwenze kuphindaphindeke esibhekene nakho . 

Sekuneminyaka ngigibela amabhanoyi .Yebo nebala lokho kuke kwathi ukuphazamiseka mumvanje kodwa noma kunjalo ,ziningi izikhathi engibe sebhanoyini ezingabuyi kamnandi engqondweni ngenxa yesimo sezulu esasibhekene nebhanoyi ngaleyo mihla . 

Ngakho ukuba sebhanoyini isikhathi esingangamahora angu 14 akuwona umdlalo lowo .Manje abashayeli bebhanoyi bahlale bekutshela ukuthi qinisani amabhande enu  ngesikhathi nihleli ,okuyinto abantu abaningi abayizibayo .

Kodwa njengokuba sengike ngaba sesizikhathini lakhona umoya uphikisana nebhanoyi  ezikhathini eziningi ,lakhona uzwa kungubugudlugudlu ukuvuleka izicabha zezikhathi eziphuthumayo,abantu bekhishwe ebhanoyini lihamba ,ngiyakutshala ngenxa yokubona lezozehlo ngenza sure ngihlale ngiwafasile amabhandi ebhanoyini . 

Izaga 1 yisahluko esimangazayo eziBhalweni .Ngikukhuthaza ukuthi ulithathe ibhayibheli lakho uzifunde .Sikhuluma ngokokungathi uNkulunkulu ungumuntu omi ekhoneni lomgwaqo ,esimemeza sakukhala .Kodwa khona kunjalo yinto abantu abahlale beyiziba ngoba bezibona bephelele la bekhona  .Okuthi uma sekufika ukwesaba nezinkinga bese kutholakale ukuthi abazilungele .Leshaluko siphetha ngalamagama : 

Izaga 1:32,33 Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala ,nokunganaki kwabayiziwula kuyakubabhubhisa ,kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile,agcineke ,angabi naluvalo ngokubi.

Nebala izikhathi zokuphikisana komoya nebhanoyi ,ziqhamuka ezikhathini esingazilindele nhlobo .Ngakho nanku umbuzo ngakube ufasiwe yini ngebhande ? 

Ngoba icebo likaNkulunkulu ngukukulungiselela lezokhathi ezesabekayo ;ukufaka inhlakanipho yaKhe enhliziyweni yakho  ngaphambi kokuba lezokhathi zikuhlasele .

kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile,agcineke ,angabi naluvalo ngokubi.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..