Ukujikijela Amatshe
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
NgokukaJohane 10:30,31 Mina noBaba simunye.” AbaJuda base bebuye bethatha amatshe ukuba bamkhande. UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshengise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?”
Ukujikijela amatshe kuJesu kulezinsuku kubukeka kuyingxenye yempilo kubantu . Okunye kwakho nokho asivume kungenxa yobuzenzisi obugcwele ekukholweni .Yebo ngeqiniso ,akekho obuthandayo ubuzenzisi.Kodwa kunokujulileyo kunalokho .
Kwabaningi abangakholwa nguJesu ,ukholo lwethu kuYe ,luyisikhubekiso kubo .Futhi ngiyakuqonda lokho mina.Andukuba ngibe nguMKhrestu ,ngicela ukukutshela ,izinto ezazishiwo zenziwa yilawo MaKhrestu ngisho izinto ezinhle [yebo ezinhle impela!] nazo zazingincika kude le .
Ngangiwazonda .Ngiwakhaphela .Ngijikijela amatshe kuwo .Futhi okuthi mase uma ubuka emumva ,kufika ukuzibuza ukuthi …ngani ?
Impendulo emfishane ,yingoba ubuhle bawo kwakukhanyisa ukukhanya ebumnyameni benhliziyo yami ; Ubumnyama obabe bugubuzele zonke izingxenye zokuphila kwami .
Futhi njengomdlavuza ,kwabe kungelula kimi ukuzikhulula ngokwami . Ngakho ngazivikela ,nganamathela kukho ngathi ngofela othini njengentethe.
Futhi yilokho kanye okwabe kwenzeka kulesigcawu esincane :
NgokukaJohane 10:30,31 Mina noBaba simunye.” AbaJuda base bebuye bethatha amatshe ukuba bamkhande. UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshengise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?”
Futhi ukuba bambulale ,nembala bagcine bekwenzile ngempela ekugcineni ! Uyabona akekho noyedwa kithi othanda ukujikijelwa ngamatshe ngenxa yokholo lwethu kuJesu ,kodwa yilokho kanye akusho ukuthi kuyokwenzeka .Akekho noyedwa kithi ofuna ukubethelwa njengoJesu ,kodwa nokho usibizele ukuthatha iziphambano zethu simlandele .Sihlobo ungamangali uma bekujikijela ngamatshe .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.