... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umoya Ngaphansi kwamaphiko akho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 3:8 Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya.”

Listen to the radio broadcast of

Umoya Ngaphansi kwamaphiko akho


Download audio file

Akekho noyedwa kithina ozithandayo izikhathi zobunzima .Asizifuni nala zihambe khona .Kodwa ngisho kungathiwa silindela ubuthebelele kanganani kulomhlaba ,izinselelo zobunzima sivese sizizwe sezingqongqoza ezimpilweni zethu   futhi ezikhathini lakhona singazilindele .

Kuyo yonke leminyaka esingeke ngagibela  kuyo ibhanoyi  – akukaze kume ukungimangalisa ukuthi amabhonayi aphakama ngokufuthwa wumoya kwingxenye esekhanda lawo ,hhayi emsileni wawo.

Lokho kuxukuzana   ugebhezi.Kubantu abanjengami ngangihlala ngizibuza kungani lomoya ungaliphephethi ibhanoyi emsileni ukuze ulidudulele ukuhubuluza liphakamele phezulu.Ubuchule bokwakhiwa kwebhanoyi abunjalo kodwa lidinga umoya oshaya ngasekhanda qede bese uya emaphikweni ,lokho okuwenza avese  afuthekele  ukuphakama ngenxa yalomoya .

Manje ,umoya ungeke wawazi zikhathi zonke .

Umoya woguquko uyye uphephethe ezimpilweni zethu , okuthi uma usuphephetha siye sibe nomuzwa wokuwubalekela .Kodwa akusebenzi kanjalo eMbusweni kaNkulunkulu ….ngoba phela imvamisa nguYe uNkulunkulu uqobo oyilomoya olethe uguquko .Ngakho imvamisa uma kunesitha esichukuluza  impilo yethu ,sisuke sigcotshwe nguNkulunkulu ukwenza umsebenzi ebesingacabangi kwakhona udinga ukwenziwa .

Futhi okuyiyona ndlela yokuthola amandla okuphakama ,okuphakanyiswa ,ukukwazi ukubamba ukunqoba kukaNkulunkulku phezu kwesitha sakho ,ukuze ube yikho konke lokhu akudala ukuba yikhona …..kubiza ukuba uvumele umoya waKhe ushaye ingaphansi lamaphiko akho   qede usukume.

NgokukaJohane 3:8 Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke

Cha ,kodwa,asazi  lapho uvela  khona nokuthi usithatha usiyisa kuphi .Kodwa Yena uyazi .Methembe . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..