... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umusa Nothando LwaKhe Olungapheliyo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isililo 3:22,23 Ngokuba ububele bakhe abupheli.Busha ekuseni njalo,ukuthembeka kwakho kukhulu.

Listen to the radio broadcast of

Umusa Nothando LwaKhe Olungapheliyo


Download audio file

Uthando yigama sonke esithandayo ukulisebenzisa (mhhh ,nazo-ke washo entshweni!). Yigama leli sonke esicabanga ukuthi siyaliqonda.Kodwa uthola ukuthi akunjalo ,kuze kube ngukuthi sesihlangene nothando lukaNkulunkulu ,okuyilapho esibona khona ukuthi besingaluqondi nhlobo ukuthi luyini.

Uma ubuka indlu uqhelile awubi nalwazi ngokwenzeka ezisekelweni zayo.Uma izisekelo ziqinile ,nakanjani leyondlu iyoma isikhathi eside ,kodwa uma zingaqinile iyowa amasolokohlo ngokuphazima kweso .

Manje,uma ungumuntu osewake wayakha indlu ,uzokwazi ukuthi isisekelo (i-foundation) akuyona into ebukeka kahle ngokwesakhiwo.Futhi yebo nebala ,maseyakhiwe yaqedwa indlu ,awuphindi usibone kwasona isisekelo sayo .Nakanjani uma zakhiwe zaqina ….okunye uyazazela kuyabonakala.

Kumahlandla amaningi ibhayibheli likhuluma ngothando lukaNkulunkulu olumile luqinile, nobubele baKhe obungapheli. Lokho kuba yigama elinganakeki ,ngoba phela thina silutolika uthando ngokokuthi luwumuzwa : ofudumele ,ontofontofo,kumbe wothando lwezithandani olu-romantic .Kodwa lolu lukaNkulunkulu lwezibele ezimile lona luchaza okuhlukile kulokho.

Loluthando lukaNkulunkulu ,lwezibele zaKhe zimi ziqinile ,ziluthando oluyiDwala eliqinile olwedlula lonke olunye ,olungaba yisisekelo sempilo yakho yonke. Okungathi noma yimicibisholo miphi impilo ekuciba ngayo ,ziphepho zini ezikubhenguzelayo ,loluthando ungama kulo ulwethembe luqinile lunganyakazi lukumise kuzo zonke lezovivinyo.Yiloluthando lukaNkulunkulu olukwazi ukukugcina umile unganyakaziswa.

Isililo 3:22,23 Ngokuba ububele bakhe abupheli.Busha ekuseni njalo,ukuthembeka kwakho kukhulu.

Lamagama abhalwa yindoda eyayikade ihlaziyo ibuka incithakalo eyenziwa eJerusalema emva kokuhlaselwa lacekelwa phansi ngamaBhabhiloni .Lendoda yayilila ,ikhala zehla izinyembezi ,yayisemzweni wokuzama ukuqonda sonke lesiseshlo sehle kanjani.Okwathi kusenjalo yabe isimbuleleka  ukuthi noma kunje kodwa …..

Ngokuba ububele bakhe abupheli.Busha ekuseni njalo,ukuthembeka kwakho kukhulu.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge