... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungazixoxi Zonke Izimfihlo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 18:8, 26:20 Amazwi omncethezi anjengezibiliboco,ayehlela kokuphakathi komuntu … Ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka ,nalapho kungekho bancethezi kuyabohla ukuxabana .

Sewake waqaphela ukuthi amaphepha ayathanda ukubhala izihloko ezifana nalezi ,zibe sematheni : Izindaba eziyimfihlo zezothando lukasaziwayo ? Futhi ngakube lokho akwenzi ukuthi athwengwe wonke lawomaphepha agayiwe ,kumbe ngokwalesikhathi kuhehe abantu abaningi online kulolodaba lugcine selu-trender .

Kunento ehehanayo ikitaze ukulangazelela ukuthola izimfihlo zomunye umuntu .Amaphepha amaningi nomagazini abangezindaba zabesifazane  lokho kwenze athengwa ubuthaphuthaphu futhi ngenye yezindlela abandisa ngayo izikhangiso .Ake ucabange nje ngalokho .Ibhizinisi elenza izindodla zezigididi zama dollar  umhlaba wonke ,lenza imali ngenxa yokuhamba abanye abantu ngemumva libhizinisa ngenhlebo,licekela phansi isithunzi sabanye abantu . 

Kodwa ake singavese sijahe ukubakhomba ngo 7 kanti isithupha sibheke kithi .Akuzikhumbuze nawe ,kukaningi kanganani silingwa ngukuhleba ,ukuxoxa ngezimfihlo  zomunye umuntu obungafanelwe ukuzisho ? Kumbe okwedlulele kunalokho ukusabalalisa amahebezi angacekela phansi aqede nya ngempilo yalowomuntu ? 

Kukaningi leyoncwadi yenhlakanipho enkulu eBhayibhelini ,iNcwadi yeZaga ,ibhale amakhasi amaningi kuyo yawaqondisa ukukhuza umkhuba wokuhleba : 

Izaga  18:8 Amazwi omncethezi anjengezibiliboco,ayehlela kokuphakathi komuntu  

Kulelivesi kanye uNkulunkulu usicacisela ngokukhanyayo ukuthi kulingana kanjani ukulangazelela ukuyohlala ezinyaweni zikaMaMgo bese eyakukhiphela zonke azaziyo ,naye ukuthi ushiswa kangakanani wulimi esejahe ukuzithamunda .Impela njengezibiliboco eziphekwe kamnandi kanti phakathi zifakwe ushevu ,zehla kamnandi emphinjeni kodwa ekujuleni komuntu zidala inhliziyo ebabayo ,zilimaza ingqondo ziyifake uphoyizeni uqobo .

Manje pho ukumisa kanjani lokho ukwenzeka ? Ukumisa kanjani ukuthi izimpilo zingalimali nobudlelwane bungaklayeki ngenxa yenhlebo ? 

Izaga  26:20 Ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka ,nalapho kungekho bancethezi kuyabohla ukuxabana .

Ngamanye amazwi uma lelingabi  lokuhleba liza kuwe ungafaki izinkuni kuzo uzokhele nangoparaffin nawe ukuba zivuthe ,ungazinqaki ebese nawe uziphonsela omunye futhi umuntu .Akuthi ukuhleba makufika kuwe kufike kume nse kungadluleli phambili . 

Ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka ,

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..