... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Usengawunqoba Umjaho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 17:27,28 Obamba amazwi akhe unokwazi ;onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo .Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi ;ovala umlomo wakhe ungoqondileyo .

Listen to the radio broadcast of

Usengawunqoba Umjaho


Download audio file

Ngicabanga ukuthi mina nawe asibona abantu abagijima ukwedlula bonke layindlini.Kodwa ikhona into engasibeka ekuqaleni .Ungathanda ukwazi ukuthi yini  ?

Omunye umngani wami u- Peter Sewell, wangicobelela lendaba : “Ngesikhathi ngineminyaka engu 5 ngangigijima esikoleni . Zonke izingane zazifika zime phambi kwentambo ,ngangiqhamuka kugcina .Ngangiza ngemumva kodwa ngifike ngiyishaye ngale intambo  qede ngidle ubhedu .Ngangihlale ngingumlaleli omuhle futhi ngilandele imiyalelo  .”

Awukuthandi lokho na ? Inkinga ngukuthi iningi lethu alinjalo .Mangase nje ngiwayinde iwashi ngibuyele ebuncaneni nami qede ngiziphe lezizeluleko  ezifanayo ,bengizothi kimi : Sbonelo ,hlala phansi ,uvale umlomo ulalelisise  

Nami ngiyafana nabaningi ngiyathanda ukusebenzisa isikhathi ngikhuluma esikhundleni sokulalela .Ngakho uma ungavuma ,ngivumele ngikunike nalu ucwezu lwenhlakanipho ekhethekile eyigolide  namhlanje :

Izaga  17:27,28 Obamba amazwi akhe unokwazi ;onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo .Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi ;ovala umlomo wakhe ungoqondileyo .

Kukangaki sikwenza ukuvese siqale sivule umlomo esikhundleni sokulalela ? Lapha uNkulunkulu akushoyo ngukuthi nkathinye sehlisa ukukhuluma sivula izindlebe  ukuzwa okushiwo ngabanye abantu ,sibuka izinto ngamehlo abo –sizoba ngabahlakaniphile kangcono  .

Iningi lethu lifuna uNkulunkulu aguqule izimpilo zethu ;bambalwa kithi abamlalelayo .Kungenzeka ungabi yilengane egijima ukwedlula ezinye .Kodwa lalela ngoba kusenokwenzeka  uwunqobe umjaho  .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.