... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UThando Lwakho Lumelwe Ukuba Ngoloqobo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 12:9,10 Uthando malungabi nokuzenzisa ,nenyanye okubi ,nibambelele kokuhle .Thandanani ngenhliziyo ,ngothando lobuzalwane ,ekwazisaneni nandulelane .

Listen to the radio broadcast of

UThando Lwakho Lumelwe Ukuba Ngoloqobo


Download audio file

Uma ukucabanga lokhu uzothola ukuthi luningi uthando olungula phezulu kulezinsuku .Kodwa uma ujula ngakho ufika kwisiphetho esithi uthando oluzishaya sengathi luwuthando akulona uthando lolo sanhlobo.Inye phaqa into eyenziwa wuthando oluzenza saluthando,lulimaza abantu .

Ngicabanga ukuthi sonke sesike saba ohlobweni lobudlelwane  lasizitshela ukuthi lowomuntu uyasithanda kanti cha wuthando oluzishaya uthando .Lolohlobo lothando olungathathanga sikhathi lwacima.Uhlobo lothando olungaqhubekanga ekumeni ekwethembekeni .Uhlobo lothando ,okwathi ekugcineni lwavela umbala walo .Yebo lokho kushiya izibazi kulimaza impela . 

Futhi mina cha bandla angilufisi uthando olunjalo ,oluyinhlobo elimaza abanye abantu .Ngikholwa ngukuthi nawe unjalo ,okungakho namhlanje uNkulunkulu uyasiphaphamisa  ukuba sibe ngaba ngaboqobo   .

KwabaseRoma  12:9,10 Uthando malungabi nokuzenzisa ,nenyanye okubi ,nibambelele kokuhle .Thandanani ngenhliziyo ,ngothando lobuzalwane ,ekwazisaneni nandulelane .

Sibangabangaluqobo lwempela ndlelani? Singaqinisekisa kanjani ukuthi uthando esilunika abantu luyilo uqobo .Sizonda okubi bese senza okuhle kuphela .Sibanika iqholo lenhlonipho abanye ngaphezu kwethu ,ngoba ngokwenza kanjalo simemezela kubo ukuthi uthando lwethu luyilo oloqobo .Nakanjani kuyismanga lokho !! 

Emsebenzini asibahlebi abantu ,asigibeli  phezu kwabo ukuze sifike la esiya khona .Sibanika izincomo ezibafanele  la zimelwe khona .Siyabaphakamisa bebona bonke abantu .Sibanika iqholo . 

Ekhaya ,siyazikhuthaza izingane zethu  ngisho nala khona siziqondisa .Bakhwenyana yenzani unakekelo kumakhosikazi enu njengokuba noKhrestu waninakekela .Makhosikazi yibani yisibusiso kubakhwenyana benu  ngendlela yonke eningaba yiso ngayo . 

Uthando malungabi nokuzenzisa ,nenyanye okubi ,nibambelele kokuhle .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..