Amandla Aguqulanayo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Izenzo 1:8 Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”
![](https://cwcontentserver.com/wp-content/uploads/Zulu-Images-3.jpg)
Ngakube sewake wazizwa ungongaphelele nofanelwe ukuba ngumlandeli kaJesu Khrestu? Sewake wazizwa ungongafanele nongenamndla okucobelela ukholo lwakho nalowo ongalugqizi qakala ? Yebo nami kuke kwangenza .
Angikholwa ukhona umuntu oyedwa onhliziyo yakhe uyihlelile ukulandela uJesu ,ukumthanda,ukumlandela ,ongakaze awuzwe lowomuzwa wokungafanelwe ukukhuluma ngobuhle boMsindisi ,ukumthanda ,ukumlandela .Yebo njengokuba sike sasho lusuku lumbe ,uJesu wathi :
NgokukaMarkhu 16:15Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.
Kwakungesisio isiyalo nje lesi kodwa kwakungumyalelo. Njengokuba u- D.L. Moody ekubeka kanje , Izibhalo asinikezelwanga ukuba sithole ulwazi kuzo kodwa ukuba siguqulwe.
Futhi njengokuba mhlawumbe usazindla ngokucobelela abanye ngoJesu kuleliholidi , yilologuduko engithanda ngikhulume ngawe ngalo.
Ngoba uJesu akazange athumele abafundi endleleni ebajabulisayo ,indlela enomzwangedwa , ukuyotshela izwe elingenandaba ngaye .Cha! Wabathembisa amandla oguquko :
Izenzo 1:8 Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami -eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”
Uma kungukuthi inhliziyo ishaya mawala ngothando lukaKhrestu kodwa futhi ngakwelinye uhlangothi ugcwele ubugwala , wokungazi [akesiwabize enjengoba enjalo]… ngakho yazi lokhu . Awuwedwa .UMoya Ongcwele ukunika isibindi ,ukuzwa isimo somuntu ,inhlakanipho ,amazwi namandla ,ukutshela labo abangakezwa ngoJesu ,konke okungaYe.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.