... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umuntu Onobubele Ukwedlula Bonke Endlini

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 6:35,36 Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi. Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu.

Abantu abahlukene ba-smart ngezindlela ezehlukene .Ungaba ngonesipho esikhulu ngendlela ethile sikhathi sinye omunye uphiwe kakhulu kokunye .Yileyo ndlela okumele kube yiyo.

Iphutha esilenzayo ngukuthi wonke umuntu umelwe ngukuba muhle kulokho esibahle kakhulu kukho nathi ,futhi sithi uma bengenjalo kuchaza bayiziwula .

Kuzwakala kuhlaba? Lutho sanhlobo . Kuyenzeka zikhathi zonke .Kukangaki uzithola uthi  : “Uyazi angiqondi kungani lomuntu enga….”

Okushoyo empeleni uthi  ; “Kungani engaboni izinto ndlelanye engibona ngayo ? Kungani bengekho bahle kulokhu engimuhle kukho?”  

Impilo phambilini ngake ngayiphila ngibabukela phansi labo abanganawo umdlandla enginawo  –ngibenze bazizwe bengafanelwe lutho beshoda ;inkinga amehlo ami ayevalekile ekutheni abone banezinto mina engingenazo ,izinto ezinenani nezisemqoka kakhulu .

Banobubele ,ubumnene ,inhliziyo ehlakaniphile ,bakwazi ukunganaki   ububi bezitha  zabo ,bakwazi ukuba bahle kubantu ababa bambi kubona .

NgokukaLukha  6:35,36 Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi. Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu.

Kubukeka sengathi umuntu unobubele endlini yilo kanye onganakekile .Zithande izitha zakho .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.