Buza Imibuzo NgoNkulunkulu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Izaga 2:3-6 yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, 4uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, 5khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu. 6 Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.
Njalo masifika esigabeni sokuthi sazi konke, konento eyodwa engangabazeki: kuchaza asazi sanhlobo kuqhubekani. Simbozwe ngumqondo wethu wokuzitshela siyazi, kuze kube sephuzwini lokuthi asazi lutho futhi asethembeke ekutheni sonke sibile kulesosigaba.
Sonke sinalento eyodwa yokuthi sizibona singcono kunabantu abaseduze nathi. Mhlawumbe ungomunye walabo bantu abangefani nami, ukucabanga ukuthi ithini imizwa yabanye abantu. Ngakho-ke kulula ukungibheka qede uthi: “kuqhubekana kulomuntu ngoba ngingcono mina kunaye!”
Futhi mina isakheko sami ngukuhlanganisa amagama ngomzuzwana qede kuphume inkulumo ejiyile, ngilethe umzekelo ngento ebizwakala iqinile kodwa ngiyenze ibe lula. Ngenxa yalokho kulula nakimi ukubukela phansi abanye abantu abanganjengami, angithi?
Uma siziphethe kanjalo, impakamo yethu iyasiphuphuthekisa futhi lusuku lumbe izosiphahlaza phansi. Ngakho-ke nansi indlela eyehlukile kaNkulunkulu:
Izaga 2:3-6 Yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda,
4uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo,
5khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.
6 Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.
Abantu aba smart ngabantu ababuza imibuzo ehlakaniphile, bangabathobile bayafundiseka, okuyikho kanye uNkulunkulu asibizele kukho. Yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.
