Ukukhathala Okuyimvithi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 11:28 Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.
Ngakho ngicela ukukubuza,kwiskali sika 0 kuya ku 10, ukhathele kanganani? Ngakube kuyinto eqhubeka usuku nosuku? Futhi kungakanani okwalokho okubangwe wubutasa obungapheli ,isivinini ophila ngaso impilo yakho? Ungasho?
Ngangikwi Christian Leadership Conference ngolunye usuku ,omunye wabaze kuyo ,wayeqhosha nge coffee lasekuseni ,ngokokuthi akakaze ahlabe ikhefu abe seholidini ngaphezu kweminyaka engu 10.Ini ngakube ,ungumshini yini ?
Futhi uyazi abantu abaningi kulezinsuku bazikhandla kakhulu.Size sikuthwale ngeqoma ubutasa bethu ,sibubone buyinto enhle enkulu ,kodwa sibe sizibuze kungani sesizizwa si-exhausted /sikhathele kweqe.
Njengomuntu ubeye asebenze angabi nakhefu ,ngikhuluma ngento engiyaziyo nami.Kahle hle nginohla oluningi lwezinto zomsebenzi wami engidinga ukuzenza othi mawuzibala uzibona zingaphezu kuka 24 hours nezinsuku ezingu 7.Ama-email angena enyinyitheka.Kodwa kufika isikhathi lakhona othi ngeke kwanele manje ,ayihlale phansi ibambe umthetho.
Ngingumuntu oqala usuku ekuseni kakhulu.Kahle hle ngesikhathi ngilungisela le devotion ngangivuke ngabo 2.Ngiqale ngiziphe isikhathi neNkosi ,yila khona engikwazi ukwenza umsebenzi wami ngokweqophelo eliphezulu ,ngakho akuyona into engejwayelekile kimi le.
Kodwa kuye kufike lakhona okumele ngidwebe umugqa.Ngisheshe ngiqale bese ngishayisa intambama isaqala ,bese ngiyaphumula.Ngicime i-phone yami mase kuyiskhathi sokuba nomndeni.Nama-email ami angisawabheki ebusuku ,futhi uyazi bandla abantu sekuye kubize bangilinde izinsuku ,kwesinye isikhathi ngisho amasonto ukubaphendula.UJesu wathi :
NgokukaMathewu 11:28 Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.
Yisimemo esikhulu leso.Kodwa simelwe ukunquma ukuphendula kuso.Kulele kithi ukwenza isinqumo sokudweba umugqa bese sithi ,kwanele manje. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..