... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukulungisela Indlela YeNkosi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 1:4-6 Kwavela uJohane ebhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono. Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema, babhapathizwa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo. UJohane wayembethe eyoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe, edla izinkumbi nezinyosi zasendle.

Ngokwe –experience yami mhlawumbe nakweyakho futhi ,UNkulunkulu wenza izinto ezethusayo ,izinto esisuke singazilindele ;izinto ezisishiya simangele …kungani ?  

Ake uthathe nje uJohane umbhabhathisi ,uNkulunkulu amthumela phambi kukaJesu  ukuba njengokusho kweBhayibheli alungiselele indlela yeNkosi .Kulungile ke lokho .Mhlawumbe indlela yayidinga ukulungiswa.Kodwa wayengumuntu ongaqondakali nembala  :

NgokukaMarkhu  1:4-6 Kwavela uJohane ebhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono.

Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema, babhapathizwa nguye emfuleni

iJordani, bevuma izono zabo. UJohane wayembethe eyoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe, edla izinkumbi nezinyosi zasendle.

Uboya bekameli,amaqhwagi  nezinyosi ..? Ngale kokuthi wayephandle ehlane [hhayi esinagogeni  ,hhayi ngisho ethempelini ] abantu babetheleka kuye bezozwa  umyalezo wakhe owawungehli kahle : phendukani ukuze nithethelelwe izono zenu ,ngamafuphi singathi ,phendukani !  

Akuwona umyalezo abantu abaningi abafunayo ukuwuzwa .Asithembeke kulokho ,ngakube wena ngumyalezo lo owawlangezelelayo ukuyowuzwa ? Kodwa nokho kunjalo babeza bezinkumbi kuye .

Kubukeka sengathi uNkulunkulu enhlakaniphweni yakhe ,wayazi ukuthi abantu badinga ukuguquka okunamandla  andukuba balungele ukubeka unyawo kukaJesu ezimpilweni zabo  .

Shlobo sami ngakube sewubile nalologuquko lwenhliziyo na? Ngakube sewukulungele ukudedela isono  esinamathela kangaka  emphefumulweni wakho ?  Egameni likaJesu phenduka ,guquka empilweni yakho khona izono zakho ziyakuthethelelwa .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.