Umgwaqo Omude Omajikajika
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Amahubo 40:1 Bengilindela uJehova,wayesizikhothamisela kimi,wezwa ukukhala kwami.
Uma sibhekene nesidingo,ikakhulukazi uma singaphansi kwencindezi….isibheke ezinhlozini zamehlo….kukulezozikhathi kanye esidinga ngazo uNkulunkulu –cha kunalokho ,kahle hle silindela ukuthi uNkulunkulu akeze khona manje –azoziveza manje nje! Bese uthole ukuthi imvama akaxhamazeli akaveze atheleke khona manje ngoba nakhu phela thina simdinga manje .
Ukubekezela akuyona into evese izenzekele ngemvelo kunoma ngabe ubani kithina .Sifuna izinto zenzeke ,futhi sizifuna zenzeke khona manje ! Ngakube ngiqinisile ngalokho Mlaleli?
Uyabona Nkulunkulu,uma kunezinto ongethembisa zona –ngizifuna manje.
Okungalesosizathu ngathi ukudideka engqondweni uma ngifunda lelovesi ebhayibhelini elithi iminyaka eyizinkulungwane injengosuku kuNkulunkulu .Mhh ,ngempela ?!
Kunokwenzeka ,sithandazele ezempilo zethu ,ubudlelwane ,yisidingo sezimali,noma kungaba yini enye.Awu phela sengikhulekile ngalendaba Nkulunkulu ,sekuphele imizuzu emihlanu ,asiye phela Nkulunkulu ,akwenzeke!
Ngiyathanda ukufunda ngamahubo eNkosi uDavide ngoba impilo yayo yabe isencupheni yezinhlupheko kaningi ningi.Ezigabeni eziningi ibhekana nezinhlupheko ,futhi yingakho kunamaHubo amaningi ezinhlupheko ngaphezu kwamaHubo endumiso.Lokho kukwenza udle amathambo engqondo
Kuse njalo ,enye yezinto azibhala ,ebuka emumva ebunzimeni nasezingozini zesikhathi esithile abhekana nazo empilweni yakhe ,kwabe kuyile:
Amahubo 40:1 Bengilindela uJehova,wayesizikhothamisela kimi,wezwa ukukhala kwami.
Bengingakucela ukuthi ukuqaphele kunye name lokhu kokuthi walinda isikhathi esingakanani uDavide ? Walinda….ngokubekezela-igama lesiHebheru la, asho ngalo ngqo lichaza ukubambelela ngokulindelela ,unethemba ,ubheke lokhu uNkulunkulu azokwenza.
Lokho kuba wukuziphatha kwenhliziyo.Kungokunamathelisa izinhliziyo zethu kuNkulunkulu ,sincike kuYe sisemoyeni wokulindela kuYe .Kuchaza lokho kanye ukuba nokholo…ukulindela ngokubekezela ube usencindezini.
Futhi okuthi uma siza kuNkulunkulu ngalowomoya wenhliziyo ….unamathela kithi naYe –ngamanye amazwi ,uyaizivula azelulele kithi –bese ezwa ukukhala kwethu .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..