Umuzwa Wokungathi Uyazikhohlisa
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
KwabaseFesu 3:19,20 Nokulwazi uthando lukaKhrestu oludlula ukwazi konke ,ukuze nigcwaliswe kube ngukugcwala konke kukaNkulunkulu .Kepha Yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi .
Sonke sihlale sinabe kusofa qede siphuphe amaphupho amakhulu .Sicabanga ngezinto ezimangalisayo uNkulunkulu angazenza ngathi .Kodwa ngomzuzwana nje sekubuyela emcabangweni yempilo ejwayelekile .Uthi woow ,waze muhle lowamcabango ,kodwa hle hle yini le ebengiyicabanga ?
Kunento engephakathi kithi efuna sikucabange ukuthi uNkulunkulu engenza izinto ezinkulu ngathi .Kodwa uthi mase uzibuka esibukweni uvese ubona ukuthi hhayi bengiziphuphela nje mina ,lezinto zinkulu kakhulu kunami .
Yini le ebengiyicabanga ingempela ?!
Manje lawomaphupho akuchazi ayoze abe makhulu kakhulu ukuze singawakholwa ukuthi angenzeka , mhlampe asezingeni lo-Billy-Graham nabanye abagcotshwa abakhulu oBhengu.Kunentokazi encane eyabe ila ko 20 eyaphothula ngokushesha izifundo zayo zeBhayibheli e College.
Iphupho layo kwabe kunguqala i-Childcare Centre ukuze ilethe ivangeli ezinganeni .Kodwa kulentokazi leliphupho lalizwakala linjengokuqwala intaba ende futhi ongeke wathi qingqo kuyo .
Yiliphi iphupho elingomsebenzi kaNkulunkulu olivumele lahwamuka emqondweni wakho ,ngenxa yokuthi mhlawumbe uthe uma ulibuka wabona ukuthi lingukuzikhohlisa ngezinto ezingeke zenzeka ngawe ?
Ake siziphe ithuba ke silishukumbuze lelophupho ,ngoba ….
KwabaseFesu 3:20Kepha Yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi .
Manje ,siyathanda ukukukholwa lokho ….kodwa ngakube kungenzeka ngampela ? Yebo kungenzeka ,nakuba kuwe kungabukeka kungenakwenzeka lokhu okukuwe njengamanje .Ngoba njengokuba umphostoli uPhawuli ebhala evesini elilandela leli uthe :
KwabaseFesu 3:19Nokulwazi uthando lukaKhrestu oludlula ukwazi konke ,ukuze nigcwaliswe kube ngukugcwala konke kukaNkulunkulu .
Yazi ukuthi uJesu ukuthanda kangakanani ukuze ,ngamandla aKhe asebenza kuwe ,uzogcwaliswa ngakho konke lokho anakho ngawe ,okuthi uma sikubuka kuyinto kungaphezu kwakho konke lokhu ongakucabanga nongakuqonda .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..