... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Yenza Ongakwenza

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Ezra 10:4,5 Vuka,ngokuba iphezu kwakho lendaba ;thina sinawe ,yiba nesibindi ukwenze .Wayesevuka u-Ezra wafungisa izikhulu zabaphristi namaLevi ,naye wonke u-Israel ukuba benze ngokwalelizwi .Bafunga-ke.

Listen to the radio broadcast of

Yenza Ongakwenza


Download audio file

Esikhathini lakhona izinto zingahambi ngendlela ohlele ngayo ,nxa ubhekene nokumelene nawe ,la khona kulimaza ,lakhona wesaba futhi uxakekile ,umnkantsha wakho uyamemeza uthi –yima manje phonsa ithawula  !

Isizathu ngikwazi lokho yingoba sengibile kukho kwaze kwangaphezu kokubili  –kahle hle izikhathi eziningi  -empilweni yami nasemsebenzini weNkosi  esengibe kuwo iminyaka eminingi .Uzizwe ufikelwa ngukuphonsa ithawula udele ,uqhele uzimele le kude usadidekile okwesikhashana ,qede bese uyaphenduka uzibuyelele ekhaya .

U-Ezra, umphrofethi weThestamente Elidala wayebhekene  nomsebenzi ocindezelanayo .U- Israel wabe sewubuyele ezweni leseThembiso  emva kweminyaka engu 70 ekuthunjweni eBhabhiloni .Indawo nabantu babesemfithimfithini  ,iJerusalema lalidinga ukwakhiwa kabusha nesizwe uqobo ,abantu bakaNkulunkulu ,babedinga ukwakhiwa kabusha nabo nejngokuba base beqothulwe kaningi baze bagoba  ngenxa yezenzo zabo ezimbi .

Ayi lesisimo ayebhekene naso ,sabe sanele ukumenza aphonse ithawula qede azibuyelele kubo .Kodwa wabe engumholi uNkulunkulu owayemthembe ngalomsebenzi omkhulu onzima .Ngakho abantu bathi kuye  …

Ezra 10:4,5 Vuka,ngokuba iphezu kwakho lendaba ;thina sinawe ,yiba nesibindi ukwenze .Wayesevuka u-Ezra wafungisa izikhulu zabaphristi namaLevi ,naye wonke u-Israel ukuba benze ngokwalelizwi .Bafunga-ke.

Lalela ,kwesinye isikhathi kusibiza ukuba sigwinye itshe sihlabele phambili noma kunzima ,siqhubeke njalo kulokho uNkulunkulu asibize ukukwenza .Ngiyazi ukuthi kungenzeka kungabi yilokhu ofuna ukukuzwa ,kodwa kuliqiniso .

Vuka,ngokuba iphezu kwakho lendaba

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.