... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Asihambe Siyodaba

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 4:21,22 Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise,belungisa amanetha abo; wababiza. Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.

Manje uyakholwa nguJesu ,wenzani ngalokho? Qhaza lini ukholo lwakho olunalo kulomhlaba ? Bangaki abantu abadonsiwe esihogweni ,ngoba ngenxa yakho bahlangana noJesu ? 

Lemibuzo ingenzima nebukeka ihambela ngangxanye ,engemnandi ,akunjalo?

Yaah kodwa ….kodwa mina angiyena umvangeli —–akuwona umsebenzi wami lowo.Yingakho sinikelela umfundisi ebandleni lethu . 

Leyo ingenye yezindlela ukukubuka ,nansi enye ehlukile :

NgokukaMathewu   4:21,22Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani

ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise,belungisa amanetha abo; wababiza. Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.

Manje ake ukucabange ukuthi ngisho ngaphambi kukaJesu ,konke okwabe kuzoqhubeka kwenziwa nguJakobe  noZebedewu  kwabe kungukulungisa amanetha okudoba .Babewanakekela bewa cleaner bewagoqe qede bawalule.Kodwa mangase kuthiwe babegcina lapho bengaphumi ukuya olwandle lwaseGalile ,uma ucabanga babezophumelela kanjani kwezokudoba ?  

Nangu uJesu esebathembisa ukubenza ‘abadobi babantu’ nebala babe sebemlandela . Hallelujah!  Zinyathelo ezinamandla abazithatha oJohane noJakobe .Kodwa ake ukucabange ukuthi bebezophumelela kanjani ekudobeni abantu uma ngase kuthiwe emva kokuba uJesu esenyukile ,bazihlalela phansi  amaqoqo bazixoxela ngobuhle  bezinto ezenziwe nguJesu  ,nazo zonke azishilo ? 

Ngabe likuphi iBandla namhlanje ,kwakhona ngabe likhona ? uma kuthiwa abaphumanga bayodoba – okuyinto eyagcina ibabiza impilo yabo yonke ? 

Manje nanku umbuzo ,ngakube uphumile wayodoba noma umatasa uzilungisela amanetha kuphela ? 

Asiphume la kuntofontofo khona .Asihambe siyodoba 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..