... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Funani Okuhle Hhayi Okubi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amose 5:14 Funani okuhle ,hhayi okubi ,ukuze niphile abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo njengalakho nisho .

Listen to the radio broadcast of

Funani Okuhle Hhayi Okubi


Download audio file

Kulomhlaba ogubuzelwe ngububi  – futhi ungaphunduleki ekungakukholweni lokho ngoba yiwo kanye lowomhlaba onjalo esiphila kuwona  – isilingo esifikela abantu bakaNkulunkulu ,mina nawe ,kuba ngukulwa nobubi ngobubi .

Qha nakanye mina nawe singalwa nobubi ngobubi .Nakanjani ngeke sehla size siyofika ezingeni lalabobantu ababi ngokunyantisayo  abakhuthaza ukuphila ngokuxegelwa yisimilo  kwezobulili uphilise okwenkomo uqobo ,bakhuthaza ubuqili,amanga ,inzondo nokuningi okubi .Ngeke sakwenza lokho nhlobo thina ! 

Manje uma lokho kuliqiniso pho kungani kuma-social media feed ami  abazibiza ngamaKhrestu  bephimisa inzondo kulabo abangavumelani nabo .Begwedla izinkolelo nemiqondo engenubafukazi bakwenze kube sengathi kuliqiniso .Befaka u paraffin emlilweni ,esikhundleni sokukhanyisa ukukhanya kothando lukaKhrestu kulomhlaba .Manje pho sibhekana kanjani nesimo esinjalo ? 

Amose 5:14 Funani okuhle ,hhayi okubi ,ukuze niphile abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo njengalakho  nisho .

Kulula kabi kumaKhrestu avese aphenduke olungile ngokwawo .Ukuzitshela ukuthi uNkulunkulu ungakithi.Siright thina bawrong bona  futhi nje bandla lokho ngizokumemezela kuzwe wonke umuntu  ,ngizokwenza lokho ngentukuthelo yokulunga kaNkulunkulu  engakimi.Ngempela Mzalawane ? 

U-Chuck Swindoll uyibeka kanjena lendaba : Ngaphezu kwayo yonke enye incwadi ezibhalweni , incwadi ka Amose yiyo ehamba yodwa ekukhombiseni abantu bakaNkulunkulu ukuthi bazophendula uma bengabaphathi kahle  abanye abantu .Kaninginingi iyakuveza ukwehluleka kwabantu ukubamba  umqondo kaNkulunkulu ngokubulungiswa baKhe . 

Sihlobo sami ,umqondo kaNkulunkulu wezobulungiswa ,ugxile othandweni .Uthando oluhlenganayo .Yingakho engazange aqoka mina nawe  sibe ngamaJaji ,nabashushisi bakhe .Umsebenzi wami nowakho  kulezizimo? 

Funani okuhle ,hhayi okubi ,ukuze niphile abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo njengalakho  nisho .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..