... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Indawo Yokubizwa Ngekhaya

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphu 3:18-20 Ngokuba abaningi,enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu, abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba. Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.

Uyakholwa kuJesu ? Ngakube konke okwakho usukuthululile kuYe qede wakholwa nguYe yedwa qhwaba  ngokokusindisa? Uma kunjalo awu sihlobo nakanjani uyisakhamuzi saseZulwini.Ayibongwe iNkosi ! 

Uthi uzakwethu omunye u uma  engasho ngokwethembeka .Kuyamjabulisa ukuthi ungumAustralia .Uyazifela ngalokho .Umngani wakhe omdala uJoseph ungu Liberia ,unkosikazi wakhe uGary ungu MNew Zealnd,umngani wakhe amkhonzile uJim ungumMelikana ,ebese umfowabo unguMKhanadi .Kumnandi ukuba yisakhamuzi sezwe olithandayo . 

Kodwa ngisho kungathiwa uzalwe kuliphi izwe ,olibiza ngokuthi ngelendabuko kuwe ,alikho izwe eliphelele eliperfect ,akunjalo? Elami aliphelele ,nelakho aliphelele .Ekuqhubekeni ujula nalo ,ulibhekisisa ,kusikhathisinye ubona kulo ububi obuningi .Kahle hle ngesikhathi izinsuku zihamba ,namathunzi esewukela ,yilapho futhi ubona ukuthi ububi buyanda buyakhula kakhulu .

KwabaseFiliphu  3:18-20 Ngokuba abaningi,enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu, abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo

lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba. Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.

Phakathi nabo lobubi bukhula bunjalo ,asingalahlekelwa ngumbono wokuthi ….. Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.

Ungavumeli ububi basemhlabeni bukudonsele phansi .UJesu uyabuya .Uyabuya masishane .Ubuzwe bakho busezulwini. 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..