... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isizathu Sakho Sokuba Ume Uqine

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphu 3:20-4:1 Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu, oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe. Ngalokho, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, ntokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa.

Listen to the radio broadcast of

Isizathu Sakho Sokuba Ume Uqine


Download audio file

Isitha sethu usathane ,sibukeka sithole izindlela eziningi ukuhlasela ukholo lwethu .Noma ngabe kungezilingo ,ukuhlushwa  kumbe nje ngesinyelela somthelela wempilo esiphilwa  emhlabeni esikuwo  esizithola sesicwile kuwo savela ngekhanda ,sesindwa nawukuphuma kuwo .Noma ngabe usebenza ndlelani ukulwa nempilo yakho .Kodwa ungalokothi wenze iphutha ukhohlwe ukuthi usekuhlaselweni kwempilo yakho yokomoya . 

Izolo sibonile ukuthi uma ukholwa nguJesu ,ubuzwe bakho busezulwini ,okuchaza ukuthi wena uyisihambi esizidlulelayo la kwelakwamhlaba ,la oyophelela khona kusekutheni ube sebukhoneni bukaNkulunkulu kumaphakade .Lokho kuletha ukukhanya okwehlukile kakhulu la empilweni  sisemhlabeni.

Ake siphinde sibuke leyondima futhi ,kodwa kulokhu sizokwenza elinye ivesi :

KwabaseFiliphu  3:20-4:1 Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi

silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu,  oyakuguqula isimo somzimba wethu  wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe. Ngalokho, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, ntokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa.

Futhi umbhali,uPhawuli akushoyo la  ngukuthi njengoba uJesu ezoza ezosithatha siye ekhaya ,ngoba sinengunaphakade elisibhekile sisebukhoneni baKhe  sinaYe – ngenxa yaleloqiniso elinamandla amakhulu ,elingephikiseke  -simelwe ukuma siqinile kuKhrestu .

Sime siqinile simelene nakuphi ? Simelene nezilingo ,simelene nokukhashelwa ,nesinyelela sesono esisingena ngenxa yokuphila phakathi kwabantu abamasikompilo abo ephambene noNkulunkulu ,okuthi ngomthelela wabo sidlulele kithina .Ngoba usathane akahleki akathi nsi ,iyodwa into ayifuna kuwe ukufuna uphumile enkundleni qede akuphuce ifa lakho. 

Ngakho sihlobo sami kulalele lokhu ,ngenxa yalokhu okuzayo ,ngoba uJesu uyalunga ulungela isikhathi esihleliwe ukukuholela ekhaya endaweni akulungisele yona ,yima uqinile .Ngiyakuphinda lokho .Yima uqinile kuKhrestu .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..