... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kulindele Ukugxekwa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 6:26 Maye kinina, nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani, ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga!

Ngicabanga ukuthi enye yezinto enzima ukubhekana nayo ,yisikhathi lakhona ubhekene nokugxekwa okuthi fuh phezu kwakho ube wenze kahle ,ngenxa yokuhluka uhloniphe uNkuunkulu ,esikhundleni sokuhamba neningi ,sekuyicala njalo lokho .

Futhi asivume ukuthi kulula ukuhamba neningi .Uthole omunye wozakwenu enza ihlaya elingcolile emsebenzini ,nawe uvese uqhephuke uhleke nabo bonke .Omunye afike kuwe alethe ukuhleba okubolile ngempilo yomunye umuntu ,nguwe lowaya uyakulalela qede ukudlulise phambili kuyokhanda omunye  umonakala kulezondlebe .Kube khona odlala umdlalo wokungathembeki ,nguwe lowaya ungene shi nakukho ungabi nanembeza .

Yebo sonke siyathanda ukuthandwa .Sonke siyathanda ukuba yingxenye yeningi .Sonke siyathanda ukunconywa ,kodwa ake uzwe nakhu uJesu akushoyo la ….

NgokukaLukha  6:26 Maye kinina, nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani, ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga!

Uma kungukuthi konke esikuthola kubantu ngukumbambathwa amahlombe sinconywe ,sishayelwe ihlombe ,uma kunjalo maningi amathuba okuthi hleze esikwenzayo sihamba neningi .Uma sizibiza ngabakholwa nguJesu ,uma sithi singaMaKhrestu ,kobe kuchaza ukuthi umsebenzi wethu kulomhlaba ngukummela ,sikhazimule ukukhanya kwaKhe ,sithande ngothando lwaKhe ,futhi phezu kwakho konke simnike iqholo lenhlonipho elimfanele ,siqhele ebubini ,ekwenzeni okungafanele ,konke sikwenze ngenxa yaKhe .

Okungaphansi kwalokho – manje ake ucabange ngalokhu ,akuzike la uJesu akushoyo  – koyobe kuchaza kulingana ncimishi nokuba ngumphrofethi wamanga .Ngeqiniso ukumela uJesu kuzosibiza inani  – kwesinye  isikhathi ukunikwa indawo kubangani bethu ,kwesinye ukulahlekelwa ngabangani  ngisho nempilo yethu uqobo .Sihlobo sami phela khumbula ukuthi uJesu ukuhlonipha uYise osezulwini kwambiza impilo yaKhe uqobo lwayo . 

Cha angiqondile kodwa ukuthi asiphile nabantu sikusophe ukukhanda ubutha kubo  cha angisho lokho ,kodwa simelwe ukwazi ukuthi kwesinye isikhathi ukumela uJesu kuzosibizela umlilo .Kulindele ukugxekwa . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..