... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Luthini Uhlelo Lwakho Lomhlalaphansi ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 8:9 Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.

Listen to the radio broadcast of

Luthini Uhlelo Lwakho Lomhlalaphansi ?


Download audio file

Akengikubuze kahle nje ,luthini uhlelo lwempilo yakho isiyonke la emhlabeni ? Iningi lethu alazi sisalelwe yizinsuku ezingaki  kulomhlaba .Ngakho yikuphi ofuna ukukwenza ukuze uku –achieve ? Uhlele ukuphila kanjani iminyaka yakho yokugcina ,kumbe izinsuku zakho zokugcina emhlabeni ? 

Yimibuzo le eyinhlabamxhwele  akunjalo ? Imvamisa iningi lihlela ukuthi umhlalaphansi walo kuyoba wukweneba lizizwe lifudumele liphumule .Yebo lokho akusikho okuba ngukukhethwa nguwo wonke umuntu .Abanye basuke bekhathazwe ngukuthi bayoba yinhlwa uma sebebadala ,bethemba ukuthi bayosizwa yimindeni yabo bengesenamandla bona ngokwabo .

Kodwa ukushisekela ukwazi ukuthi uyoba nesimo esinozinzo esilondekile wonke umuntu uyakulanguzelala lokho .Lokho okugcina sekwenza ukuthi wonke ashisekele ukuceba ukuze anethezeke ondleke uma esegugile engesenamandla ,ukuze anakekelwe yimali yakhe .

Okunye kwezinto ongaziqaphela ngomuntu osethathe umhlalaphansi ngukuthi umhlaba wempilo yakhe usuvese waba ngumgcingo wamncane .Angikaze ngikuqaphele lokhu kwaza kwaba ngukuthi ngixoxe nohlelela asebebheke empeshinini.Kodwa manje kuneqiniso eliningi ekuqapheleni kwakhe lokhu  nakuba lingehli kahle .

Ngakube yilokho kanye yini uNkulunkulu akuhlelele khona ngezinsuku zakho zonke zokuphila emhlabeni ? Kumbe kukhona okwehlukile ? 

2 KwabaseKhorinte  8:9 Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.

UJesu yena uyakuphendula ukuzicabangela kwethu  sifise ukunethezeka  nokuzinza ,uzisholo okuhluke ngamalengiso . 

Waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.

Futhi angikusho lokhu ukuthi labo bethu asebegugile kodwa ukuguga kwabo abangakusebenzisi ekuzicabangeleni bona kodwa nasebudaleni babo baphile impilo yokwenza inkonzo  kwabanye ,bazinikele ngenxa yabanye ,yibo kanye laba abadala abavese babe ngabacebile ngokwempilo  kunalabo abazidabukela bona ekugugeni kwabo ,bacabange eyabo phaqa impilo . 

Ngakho, angiphinde ngikubuze futhi ,uhleleni ngempilo yakho emhlabeni osazoyiphila ?

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..