... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngakube Abantu Ubaphatha Ngoku-Fair?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 28:5 Abantu ababi abaqondi ukwahlulela kepha abafuna uJehova baqonda konke .

Listen to the radio broadcast of

Ngakube Abantu Ubaphatha Ngoku-Fair?


Download audio file

Uma sekuziwa endabeni yobulungiswa ,sigcina sesimbanxambili imvamisa.Kuthi uma kubhekiswe kithi bese sibeka ubuqotho obuphezulu .Sifuna ukuphathwa ngobulungiswa neqiniso .Kodwa okuthi uma isicathulo sesigqokwe yithina ,sivamisa ukwehlisa izinga lalobuqothi bobulungiswa.

Eminyakeni eminingi ngisebuholini,enye yezinto engemnandi ukuyenza okusuke kumele ngiyenze ezikhathini ezithile  wukuxosha umuntu emsebenzini .Kuneminyaka eminingi ngibhekana nalesinqumo ,kusuke kumuncu kakhulu ukufinyelela kuso.

Kodwa  manje uma ungeke wakwazi ukubaguqula abantu ,kwesinye isikhathi kubiza ukuba uguqukele kwabanye.Futhi into esemqoka zikhathi zonke kulesinqumo ,wukukwazi ukumphatha nge –fairness  nangesithunzi lowomuntu osuke kumele umxoshe .

Lokho okuchaza ukuthi ukhulume naye ,umtshele ngqo kulokho osekumehlule kaningi umqondisa kukho futhi ukwazi ukumnikeza indlebe ukuba naye abeke acabanga ukuthi angakuguqula ukwenza izinto zibe ngcono ukuze aguqule indlela aziphathe ngayo.

Phambilini ,sike saba nomuntu  kwiministry okwakusibiza singene kulomgudu naye izinyanga ezingu 18 .Omunye uzothi hhayi ngeke zabe sezizinde lezonyanga kodwa kwabe kungelula.Kodwa ngesikhathu ngiqhubeka ngikhula ,kusikhathi sinye  ngiqhubeka ngisondela kuJesu ,okusikhathi sinye futhi kukhula ubumqoka kimi bokuphatha abantu kahle ngeqiniso.

Izaga 28:5 Abantu ababi abaqondi ukwahlulela  kepha abafuna uJehova baqonda konke .

Ngubani empilweni yakho njengamanje ongenzi obekufanele akwenze ,akwawalethi  ama- deliverable alindeleke kuye ,akawenzi umsebenzi oqondene naye ? Manje ake ngicele ukukubuza ngakube umphatha nge –fair neqiniso kukho konke lokho?

Ngakube sewuke wamtshela  la ahluleka khona ?  Ngakube sewuke wazipha isikhathi ukumnika indlebe uzwe icala yena abuka ngabo lolodaba? Sewuke wamnikeza isikhathi ,nethuba  nosizo aludingayo ukuguqula ukuziphatha kwakhe ?

Ngoba phela okungenjalo ,impela kuzobe kuchaza ukuthi ku-unfair .Yebo nebala kuzobe kungesibo ubulungiswa bukaNkulunkulu .

kepha abafuna uJehova baqonda konke . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..