... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UJariyu Nowesifazane

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Mark 5:27-30 Esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe, ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe. Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?”

Listen to the radio broadcast of

UJariyu Nowesifazane


Download audio file

Ake ngikubuze ,lithini inani lakho kuNkulunkulu? Ngokomqondo wakho ,ukuthanda kangakanani ,unenani elingakanani kuYe  uma uziqhathanisa nomunye umuntu? Ubengama ngenxa yokuthi ebona wena ,kumbe ubezovese akhwishize ,akudlule eshesha ejahe ukuya kulowamuntu osemqoka kunawe ? 

Kulula ukucabanga ukuthi uNkulunkulu angaba nesikhathi nabanye abantu ,kodwa hhayi thina.Phela engani nawe uyazibonela angilutho nje mina .Angifani nalowamuntu olaphayana.

UJesu wayelandelwa yisixuku esikhulu ngesikhathi uJariyu umholi weSnagogi sasendaweni ,umuntu owabe esemqoka kakhulu kulendawo ,owamncenga ukuba eze ekhaya ezophulukisa indodakazi yakhe  eyayifa.

Kodwa okwathi uJesu sekumele athathe igxathi lokuyokwenza lenkonzo yesihe ,kunowesifazane ogama lakhe elingazange lashiwo (okungukuthi ,kulomphakathi igama lakho  lalisuke lisho konke ngobukhulu bakho ,kukhombisa ukuthi wabe engesemqoka sanhlobo ,wayeyintuthwane nje ) uqhamuka lowesifazane uphazamisa okuqhubekayo.Futhi okwenza izinto zedlulele ,useneminyaka engu 12 enomopho ,okuchaza ukuthi akusikho nje ukuthi akahlambulukile ngokwenqubo yezenkolo yesikhathi kodwa kwabe kuchaza ukuthi bonke abantu ahuqeke kubo kuloluminyano lwezixuku bonke nabo sebengabangahlambulukile.

NgokukaMarkhu 5:27-30 esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe,  ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.”  Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe.  Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?

Ngakho kwathi ngesikhathi uJesu ephazanyiswa yilo wesifazane ,uJariyu wazibeka okuyinto eyenza  ubude  besikhathi esaholela ize ife indodakazi yakhe.Kodwa okugcina uJesu eya eyivusa ekufeni ,kodwa manje nanti iphuzu kulendaba esikulo: uJariyu wabe enegama elikhulu emphakathini kanti lowesifazane ongashiwo nangegama  wayeyinto nje ebekwe eceleni emphakathini.

Kodwa nangu uJesu wama ngenxa yakhe lo wesifazane .Lokhu kukutshelani?

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge