... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukundiza ngaphansi kwe-radar

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 6:1 Kepha qapelani ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabanto,ukuba nibonwe yibo ,funa ningabi nawo umvuzo kaYihlon osezelwini.

Listen to the radio broadcast of

Ukundiza ngaphansi kwe-radar


Download audio file

Ngingabuza umbuzo ongekho ntofontofo? Kusezingeni elingakanani kuwe ukuphilela ukubonakala? Kusezingeni elingakanani kuwe ukufuna bacabange ,bakhulume okuhle ngawe futhi bakuhloniphe kakhulu? Ungasho?

Siphila emhlabeni onkonzo yawo wubu Celebrity [ukuvelela] ,izwe lakhona ingane encane ivese ibe negalelo lokuphatha kwi instagram,ibe nabalandeli abamangazayo abangamakhulu ,kwesinye isikhathi abayizinkulungwane ,ngisho nezigidi imbala.Kuyamangaza lokhu.Bese nathi sifakeleke umqondo wokuthi simelwe ukuchuma sidume saziwe ,kungenjalo siba nomzwangedwa wokuthu siyizehluleki empilweni ,sisaqhwanda ndawonye.

Ukuba wumuntu ofuna ukubonwa kuyinto embi ngoba kuchaza ukuthi uqhutshwa yimpakamo futhi njengokuba sazi zikhathi zonke uNkulunkulu umelene nabazidlayo /abazitshelayo.

Futhi uyazi kuthi mina uma ngicabanga abantu okuyibona engibahloniphayo abanawo lomqondo.uMfundisi wami wayengumuntu ozinikele kakhulu ekusizeni abampofu ,enjengami.Omunye umngani wami wakwelinye izwe ,onomoya omuhle wazinikela impilo yakhe ukudabula umhlaba ngenxa yothando lukaKhrestu.Kodwa soze wabazi sanhlobo  ukuthi bangabangabantu ababukeka kanjani.

Kuvese kube sengathi labantu abanomongo namava amangaka bafihlekile ababonakali sanhlobo kwiningi lethu .

UJesu wayenjalo .Akazange ayofuna ukuba itheology yakhe ishayelwe isitembu ngabaholi bezenkolo besikhathi aphila kuso.Kunalokho wayeziphilela nabantu abanganakekile nje emphakathini.

Uyazi engiye ngikubone wukuthi uma sishesha sifika ekutheni usebenze kodwa ungavelele emehlweni abantu ,kusikhathi sinye oba nokuthula ngokokuthi ungubani nokuthi yikuphi lokhu uNkulunkulu akubizele ukukwenza .

NgokukaMathewu 6:1 Kepha qapelani ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabanto,ukuba nibonwe yibo ,funa ningabi nawo umvuzo kaYihlo osezulwini.

Musukuba nesifo sokuthanda ukuduma uvelele.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge