... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukungazethembi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseGalathiya 2:20 Akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.

Listen to the radio broadcast of

Ukungazethembi


Download audio file

Ngesikhathi usabuka uhambo lwempilo osuluhambile  kwaze kwafika la,ngakube kukufundiseni ngenani oyilo kulomhlaba? Ngesikhathi usazikala inani lakho uma uziqhathanisa nabaseduze kwakho,ufika kwisiphi isiphetho?

Ngobunye ubusuku ngazipha isikhathi nabafundi base Bible College.Saba nesifundo.I-assignment yabo kwabe kungubuka impilo yomuntu thizeni ,umuntu abamaziyo obukeka enezinkinga zangempela  empilweni yakhe ,bese bayeza bazokhuluma ngalezonkinga esifundweni sethu.

Kwakunokwesabela nokuqaphela.Ngesikhathi umfundi ngamunye esaxoxa ngomngani wakhe kumbe ilunga lomndeni ,kwakude kubuyela embangeleni eyodwa ,kuphindaphinda. Wonke umuntu ngamunye esasixoxa ngaye wayenomuzwa wokuzibona engelutho.Ngamunye! Kwangithinta kakhulu lokho ,nanxa mhlawumbe kwakungamele.

Ngoba nakhu siphila kulomhlaba lakhona mina nawe sifunzwa ukuthi umhlaba uzungeza kithi ,kuhlale njalo kungokujabulisa u-number one …..kodwa uthole ukuthi ngakwesinye isandla siphonswa emabibini  uma nje sike sangazithola silingana nabantu abaphumelelayo esinabo emqondweni wethu uma singafani ngokokucabanga kohlobo lwempumelelo kwabo. Sivese emva kwalokho singene ekushwabaneni nasekudidekeni ,komuzwa wokuzizwa singelutho empilweni. Ngakho sihlobo; ngakube lithini ingempela inani lakho?

KwabaseGalathiya 2:20 Akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.

Uyinani lalokhu uNkulunkulu ayekulungele ukukukhokhela khona ….okuyintengo enkulu kakhulu esingasoze safika ekupheleleni kokuyicabanga ngokuphelele owakhishelwa yona. Intengo ayikhokha kwakuyimpilo yeNdodana yaKhe ,lokho okukwenza ube yinani elingenakukaleka ngobukhulu-Priceless!

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge