... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukusindiswa Ngomusa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 2:4,5 Kepha uNkulunkulu ecebilengesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo, sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu — kungomusa nisindisiwe

Angazi ukuthi njengamanje ungasipenda ngenqondo isithombe somuntu oyedwa onesihe esingachazeki ombonile  empilweni ? Futhi uma kungathiwa kungamele usho into eyodwa kuye ,yikuphi obungakusho?  

Thina MaKhrestu siyathanda ukukhuluma kakhulu ngomusa nezibele zikaNkulunkulu .Sicula amaculo ngawo ,sizwa izintshumayelo ngakho …kodwa othola ukuthi ngesikhathi siqhubeka sisebenzisa lawomagama ,umusa ,isihe ,izibele ,ngiyazibuza ukuthi ekaze  akuve kusikhathi sinye lakhona sidedela incazo yawo yehlelwe yizinga elihle ezinhliziyweni zethu ?Indaba la isekutheni kulula ukugcina usuwujwayela nje umusa kaNkulunkulu nezibele zaKhe ,ukudlule endleleni ungakuboni ,ngenxa yokuthi sesizwe kakhulu ngakho ,sakhuluma ngakho  futhi sesicule kaningi ngakho . 

KwabaseFesu  2:4,5Kepha uNkulunkulu ecebilengesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo, sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu — kungomusa nisindisiwe

Kimina ,kwaba yilapho khona ngibona ukufa engangikufile ngokomoya la khona  kwavuleka amehlo lomusa wangophilayo ngempela .

Ukufa kokomoya okwakukimi ngenxa yokuthi ngangimhlubukile uNkulunkulu ,ngoba uthando lwaKhe ngaluchitha qede ngaziphilela ngokwendlela yami .Kuwe sihlobo kunjani? 

Futhi kuso kanye lesosimo ,engcebweni yezibele zaKhe ,umusa ochichimayo ,wasisindisa ekulahlekeni ,kulokho kufa kanye ….ukuze asinike ukuphila okusha kuKhrestu ,owahlupheka ,wafa wavuka ukuze akwenze kwenzeke ukusibuyisa . 

Kungenye into ukubona ngamehlo engqondo lomuntu oyedwa onesihe esedlula bonke abanye  ,ola emhlabeni.Lolohlobo lwabantu luhle lumnandi kakhulu ,alunjalo? 

Kodwa akukho lutho –   lutho sanhlobo engaqhathaniswa nengcebo yomusa kaNkulunkulu ,ukujula kothando lwaKhe  olungeqondakale  nomusa ocwiliswe egazini ngokujulile okungalo wasisindisa .

Alukho nhlobo olungaqhathaniswa nalokho .Ake ukucabange lokho! 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..