... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuvuswa Ekufeni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 2:6 wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye embusweni wezulu kuKristu Jesu.

Ngiyazi ukuthi kukangakanani ucabanga ngeZulu;ngengunaphakade oyoliphila ebukhoneni bukaNkulunkulu ,ngenxa yalokho uJesu akwenzela khona ? Kukangakanani? 

Into ngokwemvelo kulomhlaba  esiyenzayo imvama ,uma sizothembeka ,kuba ngukucabanga ngezinto zakulomhlaba ,ngemanje nalokhu okuphambi kwethu ,ngazo zonke  lezizinto ezifuna amehlo ethu abukane nazo okuhle ,okungabukeki kahle ,kunye nokubi . 

Futhi ungangizwa kabi ,ukucabanga ngokuthe njo entweni akunacala ,inqobo nje uma uthe njo entweni enhle .Kodwa ngesikhathi uqala ukubuka nganhlanye ,kusikhathi sinye lakhona ulahlekelwa ngukubuka izinto zenkazimulo  ezingobuqiniso bokuphila kwakho ,zala obekwe ukuphila khona ngenhloso ,kanjalo nangokuthi ubhekephi ngamhla uphela emhlabeni.

KwabaseFesu  2:6 Wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye embusweni wezulu kuKristu Jesu.

Kunento eyenzakayo uma sibeka ithemba lethu kuJesu ,uma sibeka impilo yethu ezandleni zaKhe .

Futhi yilokho kanye esikwenzayo la ,wasivusa ekufeni….ukufa esasizokufa ezonweni zethu .Ukufa esabe sivele sikufa ,ngenxa yemiphumela enyantisayo yesono sethu .

Kodwa ngakube uyiqaphelile lengxenye yesibili ? Usihlalisile kanye  naYe ,noJesu ,ezindaweni eziphakemeyo embusweni weZulu .Ngamanye amazwi ingunaphakade lethu noJesu selivese seliqalile .

Wuqobo lobuqiniso lobu ngesikhathi usaphila lapha emhlabeni ngesikhathi usabhekene nakho konke ,obhekana nakho usuku nosuku .UJesu usevese usekulungisele indawo ezulwini ube kunye naYe 

Ndlela zonke yiba ngumuntu othe njo –o focused empilweni kodwa ungadukelwa  ngokuyikhonakhona empilweni okumqoka kakhulu  kunakho konke ; ukuthi usindisiwe ngomusa sewuvese uhlalisiwe  ezindaweni eziphakemeyo eMbusweni weZulu. 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..