... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

U-Focussed Kanganani ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 4:31-34 Kusenjalo abafundi bamncenga bathi: “Rabi, yidla.” Kepha wathi kubo: “Nginokudla engikudlayo eningakwaziyo.” Base bekhuluma bodwa abafundi, bethi: “Ukhona yini omlethele ukudla na?” UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo,ngifeze umsebenzi wakhe.

Nanku umbuzo ,umbuzo oqondene nawe ngqo namhlanje : kungani ,futhi ngasizathu sini uNkulunkulu ekushiyile la emhlabeni ? Mina phela ngiqonde ukuthi uma ekuthanda njengokuba esho ukuthi uyakuthanda ,ubengeke pho akubizele ekhaya ,ukuze uyombona ubuso nobuso ube naYe ?

Ngumbuzo oyinhlabamxhwele lo .Kungani akubeke ukuba uqhubeke wehla wenyuka wenza izinto ozenzayo ,kulokhu okukho? 

Kubukeka sengathi kimina kulula ukulahlekelwa yifocus  yecebo likaNkulunkulu  ngesikhathi siphila impilo,sidle ,silale,sifunza izintshisekelo zemvelo yethu .Sikhona nje lapha emhlabeni.Siyavuka ,sigqoke qede sivukele ekuphileni impilo yansuku zonke ,qede sithi fofolozi siziphonse embhedeni ebusuku.Yilokho kuphela .

Besilokhu sixoxa kulezinsuku ngowesifazane emthonjeni wamanzi ,kanjalo nokulungela kwenhliziyo kaJesu ukuletha ivangeli kuye ,engenandaba namingcele yobandlululo lwakubo olwalubahlukanisile ,engenandaba nokuthi wayekhathele ,omile futhi elambile . 

NgokukaJohane  4:31-34Kusenjalo abafundi bamncenga bathi: “Rabi, yidla.”  Kepha wathi kubo:

“Nginokudla engikudlayo eningakwaziyo.” Base bekhuluma bodwa abafundi, bethi: “Ukhona yini

omlethele ukudla na?”  UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo,ngifeze umsebenzi wakhe.

Nembala  wayezokudinga ukudla ngokushesha ekugcineni ,kodwa iphuzu ayelenza lapha ngukuthi izinto ezazimqhuba ,izinto ezazimfudumeza ngaphakathi ,izinto ezazenza ahambe adlule nala inyama yemvelo ekhathala khona ,kwabe  kungukwenza intando yomthumileyo,afeze umsebenzi wakhe.

Msebenzi mni uNkulunkulu akunike wona ukuwenza ? Sebenzisa iziphiwo  nama resource uNkulunkulu akunike wona  ukwenza lokho,ukuba semsebenzini waKhe kulomhlaba ! Yiba nomfutho ngawo,hlabela phambili ungemi  ngoba yilokho kanye akulethele khona la , ukwenza intando yokuthumileyo,ufeze umsebenzi waKhe.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..