... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuthola Isibindi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 27:14 Lindela uJehova ,uqine ,inhliziyo yakho ime isibindi ;yebo lindela uJehova.

Listen to the radio broadcast of

Ukuthola Isibindi


Download audio file

Isibindi siyinto ehlukile engajwayelekile .Siyasitusa kwabanye abantu ,sonke siyasifuna ,siye sithande ukuba abanye basicabange njengabantu abanesibindi ,kodwa khona kunjalo uthola ukuthi yinto esingafuni ukuyisebenzisa .Ngoba la okusuke kudingeka usebenzise isibindi sakho ,usuke wazi kahle kusesikhathini lakhona kunento embi eyenzeka  kuwena .

Ngingakubuza namhlanje ukuthi ubuyise isithombe ngengqondo somuntu omaziyo onesibindi empilweni yakho ? Umuntu omaziyo sezimnethe kwaze kwedlula ezinselelweni ezehlela wonke umuntu ,kodwa othe khona kunjalo waphikelela wangahlehla ,kwaze kwabe sekuphelilisweni  kwezivivinyo futhi zaphela esongongcono kakhulu kunakuqala . 

Ubani lowomuntu empilweni yakho  futhi uma bekungathiwa sebenzisa igama elilodwa ukumchaza ,lelogama belingathini ?  Elami belingathi  “Ngiyamhlonipha” .Yiqiniso ,akunjalo ? Siyabahlonipha abantu abanesibindi .Futhi sikhathi sinye asiziboni singaba nalesosibindi abanaso bona .

Ngakho yini ingempela isibindi ? UMartin Luther King Jr usibeka kanjena yena : Isibindi yisinqumo esingaguquki sengaphakathi kuwe  sokuya phambili ngisho kunganezikhubekiso ezingakanani  nezimo ezesabisayo. 

Angisho ukuthi lesosinqumo sangaphakathi kunzima ukuba sime ezikhathini lakhona ubhekene nezikhubekiso nezimo ezesabisayo ,akunjalo ? Ngakho pho uzosithathaphi ? Ungasibamba kanjani ezikhathini lakhona uzwa kuheleza umoya emathunjini kodwa kumele ube nesibindi ? 

Amahubo 27:14 Lindela uJehova ,uqine ,inhliziyo yakho ime isibindi ;yebo lindela uJehova!

Izinto ezimbili zokuqashelwa la .Okokuqala lelogama  ‘lindela’ ngokomsuka wolimi lwesiHebheru lichaza ukulindela ngokubekezela ,ukuthemba eNkosini ngokomuzwa wokukholwa kunento ezokwenzeka .Ebese okwesibili ,engikuthanda kakhulu , “ uqine inhliziyo yakho ime isibindi” .Ime isibindi,isitholaphi ? kuJehova .

UNkulunkulu wakho uyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi  futhi ukulungele ukuthulula isibindi enhliziywnei yakho .Okwakho lindela Yena  bese uma isibindi esivela kuYe .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..