... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuthselwa Ukuthi Usephutheni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 1:21 Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.

Listen to the radio broadcast of

Ukuthselwa Ukuthi Usephutheni


Download audio file

Izolo sikhulume ngeseluleko sikaNkulunkulu esinamandla ukwehlisa izingxabano ezimpilweni zethu .Kodwa akekho kithi othandayo ukutshelwa ukuthi usephutheni .Lutho sanhlobo ,okungakho kwesiny e isikhathi siye singazithathi izeluleko ezinhle  ,angikusho nje lokhu ,ukuthi ngisho kungathiwa zivela kuNkulunkulu.

Akucabange ngalokhu .Uma udiniwe uba ngovulelekile kangakanani kulesosikhathi kanye ,ukumukela iziluleko ezinomqondo ,ezinobuNkulunkulu ?  Akukaningi ,ngikuqagela lokhu ngoba ,impande yokudinwa yimpakamo.

Kodwa ,kodwa ,kodwa ,…ngimelwe ukuphathwa kahle kunalokhu.Lowamuntu kumfanele ukudinwa kwami .Kufuneka bakukhokhele lokhu ! 

Futhi lowomoya wokuziphatha uphenduka ube yilokhu ibhayibheli elikubiza  “ngenqaba” ezinhliziyweni zethu ,sizakha zibe yizinqaba esinqabela ukungena uNkulunkulu kuzo ,ngoba masike samvumela angene kobe kuchaza kumele siguquke .

Kodwa lokho kuyinkinga ngoba siyazi ukuthi uNkulunkulu umelene nabazidlayo [abaphakeme]  kodwa unika umusa kwabathobile.Ngakho,ekudinweni kwakho,empakamweni yakho,ngakube ufuna uNkulunkulu  amelane nawe ndlela zonke ? Ngempela  ?

Ithini impendulo ke makunje ? Siyilungisa kanjani lenkinga ? 

EkaJakobe 1:21 Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.

Ngamanye amazwi yima wamukele .Uma ulizwile iZwi likaNkulunkulu ,ngisho kungathiwa ulizwe lisho kancane ,usevese uselitshalile enhliziyweni yakho .Linamandla okukusindisa .Linamandla okukukhulula.

Thembeka ,lokho kudinwa ,leyompakamo,lobobubi obungamabibi amabi ,iyodwa kuphela into okuyenzayo kuqeda kucoboshise impilo yakho nobudlelwano bakho nabantu. 

Ngakho ,beka phansi unikele ngenqaba yakho ,wendlale phansi impakamo yakho ,kukhulule kuhambe ukudinwa kwakho…..

 futhi bese … wamukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa umphefumulo wakho. 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..