... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umbazi Obizwa Ngokuthi -Adam

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Eksodusi 20:17 Ungafisi indlu yomakhelwane wakho,ungafisi umfazi womakhelwane wakho,nenceku yakhe,nencekukazi yakhe ,nenkabi yakhe,nembongolo yakhe ,nokunye okomakhelwane wakho.

Ngokwemvama uma siziqhathanisa nabanye abantu ,sivamisa ukuzithola siba ngabesibili ngobungcono kunabo ,lokho sikusho ngengondo yethu .Asizitholi singaba ngabenza kahle kakhulu ngaphezu kwabo ….manje kodwa kumele uzibuze wena luqobo ukuthi ,ngakube sasimelwe /senzelwa ukuba njalo?

Ngokulunye usuku kwakunomlisa owayesiza komunye umuzi obizwa ngokuthi  ngu-Adam[kwazise umnumzane walayikhaya yindoda engaphiwe kahle ekuzibambeleni] .

Manje kwakukhona okwakungasebenzi kahle ngaphansi kuka –sink .Kodwa lomlisa ngokuphazima kweso wavese wakulungisa lokho kalula.Manje okumangazayo ngukuthi umnumzane wakulomuzi wabe esekutakute izinsuku ethi uzama ukulungisa ,dololo kungenzeki ,lokho okwamenza wazibona ubengeke nempela akwazi ukwenza okwenziwe yilenkunzi ka-plumber ! 

Kodwa manje futhi olunye uhlangothi ngukuthi u-Adam naye futhi akakwazi ukwenza izinto ezenziwa yilomnumzane ,manje kulapho kanye okumele uzibuze umbuzo othi : “ukuqhathanisa kusizangani kanti ?”

Kodwa uthole ukuthi ukuziqhathanisa nabanye abantu ngunoxhaka sonke esingawela kuwona.

Siqhathanise ukuthi abanye abantu bahola kangakanani,babukeka kanjani,kumbe ukuthi ibukeka iyinhle kanjani impilo yabo .Futhi uthole ukuthi sikwenza konke lokhu kuqhathanisa singaboni ukuthi hle hle kusasikhalazo esisakucikeka  ezinhliziyweni zethu.Cishe sonke sesike sezwa ngemiyalelo elishumi ,futhi lo weshumi kulemithetho elishumi ,ufundeka kanjena :  

Eksodusi 20:17 Ungafisi indlu yomakhelwane wakho,ungafisi umfazi womakhelwane wakho,nenceku yakhe,nencekukazi yakhe ,nenkabi yakhe,nembongolo yakhe ,nokunye okomakhelwane wakho.

Mhlawumbe uma wawubhalwe yithi, akekho kithi owayengawubhala lo ube khona nawo kulena.Kodwa emva kwakho konke lokhu bese uthi ukuma ucabange  ngawo futhi wakha umqondo kakhulu ,ngoba  ukulangezelela ukuba nento omunye umuntu  okungeyakhe yilapho kanye ububi  obuningi obukulomhlaba buvela khona .

Yeka ,yima ukuziqhathanisa nabanye abantu .  Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge