... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umsebenzi Wokuphulukisa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 9:35 UJesu wayihamba imizi yonke nemizana ,efundisa emasinagogeni abo,eshumayela ivangeli lombuso ,ephulukisa izifo zonke nokugula konke.

Listen to the radio broadcast of

Umsebenzi Wokuphulukisa


Download audio file

Uma wena kumbe umuntu omthandayo egula ,ubungamcela uJesu azokuphulukisa ? Ungakwenza lokho? Kumbe mhlawumbe ubuqiniso  bamandla okuphulukisa kukaJesu buyinto ongayikholelwa ?

Sekube nokukhula kwezinga lokwelapha nge-science ye medicine kuleminyaka edlule.Izifo phambilini ezazidinga ukwelashwa kanzima ,kulezinsuku sekuba yinto eyenziwa kalula nsukuzonke  futhi nemithi isimningi kakhulu yokwelapha  izifo ezabe zingelapheki phambilini .

Kuyamangalisa lokho .Futhi khona kunjalo uthola ukuthi asikazi ukuthi ingqondo isebenza kanjani  ,nkumbe inkumbulo  [memory] kumbe singawulapha kanjani umkhuhlane owejwayelekile nje ….kumbe ..asithi nokuningi kusasehlula .Umzimba womuntu yinto eyimpicabadala ,umphefumulo nomoya wona ujule kakhulu awuqondakali.

Kodwa uthole ukuthi ezikhathini eziningi ,eminyakeni engu 2000 eyadlula phambi kokuba siphuphe nokuphupha i-medical science e basic nje esiyithatha kancane ….

NgokukaMathewu 9:35 UJesu wayihamba imizi yonke nemizana ,efundisa emasinagogeni abo,eshumayela ivangeli lombuso ,ephulukisa izifo zonke nokugula konke.

Ngakube ngempela wenza njalo? Nebala ungasho , ubufakazi nakanjani bucacile.Abantu babeletha abagulayo babo besuka kude nezwe ,wayebaphilisa ,kumbe akhiphe amademoni ,noma ngabe yikuphi ababekudinga kuYe .Yingakho wayekwazi ukunanyathelwa yizihlwele ezinkulu kangaka .Yingakho abantu babemcindezela uma efike edolobheni langakubo.

Manje umbuzo ngothi ,ngakube usekuwo yini lomsebenzi wokuphulukisa nanamhlanje? Yebo ,mina loJesu engimaziyo usekuwo nebala.Angikutshele ukuthi nokho ,akaphulukisi wonke umuntu .Kungani ? Anginalwazi.

Kodwa sengibone abantu abaningi okuthe mabegula bacela ukukhulekelwa  basinda  nokuthi nami futhi uma ngigula nebala ngiyamcela ukungisindisa .

Ungesabi ukumcela .UJesu usaphulukisa nanamhlanje –umzimba ,umphefumulo  nomoya . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge