... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungalindeli Ukuthi Bazokushayela Ihlombe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Umshumayeli 7:5 Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula .

Listen to the radio broadcast of

Ungalindeli Ukuthi Bazokushayela Ihlombe


Download audio file

Nakuba kungabukeka  kungawukhandi kanjani umqondo ,ngesikhathi siqala ukunquma ukuphila impilo enhle ,ukwenza okuhle ,ukuthanda abanye ,ukusebenza ngokubambisana noNkulunkulu ukunqoba ubuthaka bethu esizalwe nabo ngokwemveloluntu ,kuzovese baziqhamukele bona abagxeki singabamemanga .

Ngeshwa kuliqiniso eliphathana kabi ,ngoba siphila emphakathini owonakele ngokwezimilo .Ngakube lokho kuzwakala kuhlaba kulumela ? Uma kunjalo  mawuthi qala  uqalaze ubone ububi obuzaleka buphindelela ,kodwa buteketiswe  bubizwe ngento enhle .Izimilo ezimbi kodwa osekuvese zawuthelawayeka zamukelwa wena owabona kukikizwa kungena umakoti ekhaya.Umoya wokuzicabangela wena wedwa ,ukuhlukana ,yonke ichaos le .

Ngakho uma uvusa ikhanda kuyo lencithakalo qede unqume ukuba nenhliziyo yokulandela uJesu ,ngentshisekelo yokubona abalahlekile besindisiwe ,pho yini le engakwenza uzitshele ukuthi izwe lizoke likuthokozele likuthande? 

U-Dr D James Kennedy wake wakubeka kanjena lokhu : Ukubekezelelana kokuphambene  kuyinkambiso yokugcina oyifica emphakathini osugcwele ububi,ozigqaja ngenkulu impakamo le ekulahleni imiyalelo kaNkulunkulu ,iyodwa kuphela inkambo oyofica lomphakathi uyidumisa : ukubekezelelana kwizimilo ezimbi oziphilayo . 

Kodwa nakuba singenza konke okusemandleni ukuthanda isoni ,nakuba nebala sikwenza ngokwamazinga ahlukene ,asikwazi ukuthi njengabalandeli bakaJesu  Khrestu ,sizale futhi ububi ezinhliziyweni zethu sibubize ngobuhle .Futhi ngenxa yokuma eqinisweni ,izwe lizoza liyimvula lizomelana nokholo lwakho kuJesu . 

Lokho  kungaba ngokunzima ngoba siyathanda ukuthandwa .Sonke siyesizwe isikhisi ezinhliziyweni zethu uma  kukhona osigxekayo ngenxa yokuthi sibambelele eZwini likaNkulunkulu – lokhu okuyinto engenzeka ngamawala nomfutho omkhulu ezweni le –social media bakugxeke bashiye abangalazi .

Ngakho uma kungukuthi lesikhisi sobuhlungu bokugxekwa sewuke waba kuso ,uzizwe ukhishwe inyumbazana ngenxa yeZwi eliphilayo ,angikunike nanti iphililisi lokwelapha inhliziyo :

Umshumayeli  7:5 Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo  kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula .

Ungalindeli ukudunyiswa yiziwula . Soze nhlobo zakwenza lokho ,kunalokho ,yemukela ukukhuza kohlakaniphileyo .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.