... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UNgamangali

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 3:7,8 Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa ngokusha.’ 8 Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya

UMoya oNgcwele unikelwe labo  abakholwa nguJesu ukusinika amandla ukuba yikho konke asenzela ukuba sibe yikhona .Kodwa manje ,empeleni ungubani loMoya oNgcwele futhi usebenza kanjani? 

Ngakho namhlanje sihlanganyela noNikhodima noJesu  ngesikhathi iNkosi isamchazela ukuthi yezelani la emhlabeni ,ekugcineni kosuku ,uKhisimusi ongalokho kanye . 

Othandweni lwaKhe olukhulu ,uNkulunkulu analo ngathi  usifuna siphile impilo ekhululekile esonweni .Okubuhlungu baningi kulezinsuku abazibiza nga “MaKhrestu”  kodwa okusamale baqale baphenduke ezonweni zabo ,baphenduke bafulathele lokho abakwaziyo ukuthi ku –wrong .Futhi njengokuba sibonile izolo ukuzalwa ngokusha ,okungumbandela wokuqala kaJesu ukungena eMbusweni kaNkulunkulu ,kuchaza okubili ;ukuphenduka  [ukuzalwa ngamanzi] nokwenziwa busha  [ukuzalwa ngoMoya]. 

Ngakho ungasho ngeqiniso kangakanani ukuthi uzelwe ngokusha ?

NgokukaJohane 3:7,8Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa ngokusha.’   Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya

Kugcina ngokuba kubonakale  ubufakazi bomsebenzi kaMoya  uguqula izinto empilweni yethu .Unjengomoya ovunguzayo laphaya ezihlahleni othi ungavunguza qede uzizwele ubufohlo fohlo  eziqathakela wona amahlamvu ngenxa yamandla omoya . 

Ndlelanye futhi  ubufakazi bokuzalwa ngokusha ,kubonakala ngoguquko  ezimpilweni zethu olulethwa ngubukhona bukaMoya oNgcwele  kithi. Hhayi nje umoya wokusonta kumbe wezenkolo ongathi shu  kodwa uguquko lokuphenduka okunamandla  ngempilo ecace bha  ukuthi ayisefani nakuqala  ,futhi ebonwa nagabantu bonke . 

Ngakho …..uzelwe ngokusha sihlobo sami ?

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..