... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Abantu Abahle

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 Samuweli 16:7 Kepha uJehova wathi kuSamuweli : “ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe ,ngokuba ngimalile ,lokhu uJehova engabukisi okomuntu ,umuntu ubheka okusemehlweni ,kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni”

Listen to the radio broadcast of

Abantu Abahle


Download audio file

Baye bethi  ubuhle bukumuntu okunguye obubukayo obubonayo.Yiqiniso lelo .Kodwa indlela yethu yokubona ubuhle ,iyinto ehlukile kwesinye isikhathi ngokwezizwe ngezizwe ,lokho sekuguquke kakhulu mumva nje . 

Ngakho ,uma uhlangana nomuntu ngokokuqala ,yimiphi imicabango eyenzeka engqondweni yakho ?  Ukubukeka kwabo bebahle ngaphandle ngakube  kuwenza umqondo wakho ubathathe ndlelani ? Ngumbuzo ohlaba uqonde lo ,ngoba iningi lethu sibaphatha ngezindlela ezahlukene abantu ,okusuke kumi ngokokuthi sibacabanga bebukeka bebahle noma cha .

Uma ungumuntu ohlala eduze nekhaya labadala ,uye ubabone bandla ukuthi asikho esiguga namagxolo aso ,sebushabalele bonke lobabuhle basebusheni emzimbeni ,ungagcina udlula eduze kwabo ngokungathi akukho nokukhangayo ngabo ngokokubukeka kwangaphandle .Kodwa ngesikhathi usondela kubona uthola ukuthi bangabantu abayisimanga abanye babo ,abaphile futhi abaphila izimpilo eziyisimanga.

Ngake ngabona isithombe sentokazi endala esinemibimbi ,sinalamagama  : Mangase kuthiwe nje amehlo ethu abebona imiphefumulo esikhundleni somzimba , Bekuzomangalisa  umehluko obekuzo wenza ngokomqondo wethu wokubona ukuthi buyini ubuhle . 

Futhi  ngokwalenkulumo ,kunomqondo omkhulu kuyo ongobuNkulunkulu .Ngamhla sekuziwa ekukhetheni iNkosi entsha kwa Israel ,uNkulunkulu wathumela umphrofethi uSamuweli endodeni eyayinamadodana angu 8 .Inkosana kwabe kungu-Eliyabi .

1 Samuweli  16:7 Kepha uJehova wathi kuSamuweli : “ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe ,ngokuba ngimalile ,lokhu uJehova engabukisi okomuntu ,umuntu ubheka okusemehlweni ,kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni” [u-Eliyabi uJehova akamkhethanga ] 

Kwaba yinto efanayo kuwo wonke amadodana kwaze kwaba ngukuthi ufika kuDavide ,owayenganakekile .UDavide waba yinkosi enkulu kunawo onke esihlalweni sakwa Israel .Ngani? 

Ngoba nanxa  abantu bebheka okusemehlweni ,uJehova ubheka okusenhliziyweni .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..