... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Amaningi Ngaphezu Kobungawadinga

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 6:10,11 Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu. Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane

Listen to the radio broadcast of

Amandla Amaningi Ngaphezu Kobungawadinga


Download audio file

Phezu kokuba sibhekene ngeziqu zamehlo nobubi obubukeka busho ukuwigwinya lomhlaba ,kuvese kube lula ukuzwa ,hle hle ukukholwa ngukuthi awunamandla okwenza lutho .

Ngakolunye uhlangothi lokho kuliqiniso .Ngesikhathi sibona ububi bungena kwimpilo yomphakathi ,yezomnotho  futhi neyombusazwe  esiphila kuwo  – ukukhwabanisa budla amagalane ,amanga esetshenziswa ngisho ukuphemba  izimpi,singeluqede uhla  futhi iningi lethu lizizwa lingenamandla okuba  lukhona utho ngokwethu esingalwenza lube ngumehluko kulenkanankana . 

Kodwa ake sikusondeze eduze lokhu okwesikhashana ngoba kulula ukuhlala sibuka ukuthi benzeka le ekudeni .

Awucabange kahle  – uma kungukuthi uSathane umandla  ekudukiseni izinhlaka ezehlukene zasemhlabeni ,ucabanga ukuthi  angehlulwa yini ukwenza okufana ncimishi nangezinhliziyo zethu ? Ukwenza ngendlela yokuthi ngisho nakuthina imbala sizizwa singenamandla okummisa  ngesikhathi isono sihlephula umphefumulo wethu .Manje ithini impendulo ? 

KwabaseFesu  6:10,11Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu. Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane

Impendulo ithi asidingi ukuqina ngokwethu ,ngoba sinamalungelo okuqina eNkosinini nasemandleni ayo amakhulu  .Yilokho kanye okuyikho  okunamandla okusinqobisa .UPhawuli wenza inkulumo enamandla la ukuthi amandla kaNkulunkulu owadala iZulu nomhlaba aphelele, ayathululwa kithi uma sikukhetha ukuma simelane namaqhinga kaSathane .

Uyayibamba kodwa lendaba sihlobo sami ? Ngoba lamanandla enzelwe ukunqoba kwakho.

Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu. 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..