... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kukhulu Okuqhubekayo Okungale Kwamehlo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 6:12 Ngokuba asibambene negazi nenyama,kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.

Listen to the radio broadcast of

Kukhulu Okuqhubekayo Okungale Kwamehlo


Download audio file

Ngingakubuza ukuthi konje kunini lakhona ububi bagcina ukuziveza khona ? Mhlawumbe  kungenzeka kube yinto owayenza komunye umuntu ,kumbe eyenziwa kuwe.Ungqubuzano thizeni ,ukungabikhona kobulungiswa ,ukukhashelwa .Ngakube sewake wama wazibuza ukuthi ingempela ngakube kuqhubekani lapha ? 

Siye senze izinto ,kwesinye isikhathi ezimbi ,okuthi uma sesizicabanga uthole ukuthi sinamahloni ngisho ukuzichaza .Ngangicabangani ingempela ? Ngayenzelani leyanto?  Kumbe ubone isenzo esingenabulungiswa kumbe usibone senziwa kwabanye abantu qede usale ubambe ongenzansi …Ngakube lento yenzeke ngempela ? Kanjani nje  kodwa ? Futhi isizathu salobubi esibubona benziwa yithi ,benziwa kithi kumbe sibubona kwabanye kungenxa yokuthi kuningi okusezweni elingale kwelamehlo ,ngoba ….

KwabaseFesu 6:12 Ngokuba asibambene negazi nenyama,kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.

Ngamanye amazwi kunempi yokomoya esingayiboni ngamehlo .Yingakho uJesu wafundisa abafundi baKhe ukukhuleka : ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi (Mat 6:13)

Lowomkhuleko wokuvikelwa nguNkulunkulu ezindaweni eziphakameyo  zasemazulwini ungomunye womthandazo onamandla  esingawuthandaza ;odinga ukuba mina nawe siwukhuleke kaninginingi. 

Futhi okuthi uma abanye befuzula ububi kithina ,khumbula indikimba .Impi yethi ayimelene nalabobantu  kodwa  namandla omkhathi  okusuke kuyimomaya yobubi esuke ihleli ezenzweni zalabobantu .

Ungizwe kahle ,angiyena omunye walabobantu abahamba becinga bephenya amadimoni naphansi kwemibhede  nosofa .Kodwa sikhathi sinye ,mina nawe sidinga ukubazi ububi lokhu obuyikhona ,qede sikhuleke ngokunamandla ,simelane nabo. 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..