... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Bhunkula Yima

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Daniyeli 1:8,9 Kepha uDaniyeli  wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngesabelo sokudla kwenkosi nangewayini eliphuzayo ,wayesecela enduneni yabathenwa ukuba angazingcolisi .UNkulunkulu wamnika uDaniyeli ukuba athole umusa  nobumnene emehlweni enduna yabathenwa .

Listen to the radio broadcast of

Bhunkula Yima


Download audio file

Ukuhlubuka uNkulunkulu  imvamisa ,akuqali ngento enkulu .Yebo nebela kuyenzeka kwesinye isikhathi ,kodwa kwezinye akubi njalo ,kuqala ngento encane egcina ekhukhumala njengegwinya  uqobo igcine isiyidombolo lokuhlubuka . 

Mumva le ,kwiThestamente Elidala abantu bakaNkulunkulu babebizelwe ukugwema ukudla kohlobo oluthile .Yebo kwakubalungele lokho ngokwesikhathi ,kwaze kwaba ziyaguquka izinto sebeyiswa ekudingisweni eminyakeni ela ko 586 BC.Omunye walabantu bakaNkulunkulu ,insizwa esencane egama layo nguDaniyeli ,isizithola isesigodlweni seNkosi uNebhukhadinezari.

Usungazicabangela ukuthunazeka kwesiko lamaJuda emva kokuba amaBhabhiloni ecekele phansi iJerusalema elabe liyinhloko yenkolo yawo .Lolophawu lwalusho emhlabeni ukuthi wehluliwe futhi akalutho uNkulunkulu wama Israel.

Ngasekuqaleni kwendaba ,uDaniyeli [oyisigqila kulesosikhathi ] ubhekene nenkanankana yenkinga  yokuthi adle noma angakudli ukudla okubekwe phambi kwakhe . Ngihloniphe uNkulunkulu ,obukeka ehluliwe ,kumbe ngihambe neningi ngizidlele ukudla nami ? Akesiyizwe kahle lendaba: 

Daniyeli  1:8,9 Kepha uDaniyeli  wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngesabelo sokudla kwenkosi nangewayini eliphuzayo ,wayesecela enduneni yabathenwa ukuba angazingcolisi .UNkulunkulu wamnika uDaniyeli ukuba athole umusa  nobumnene emehlweni enduna yabathenwa .

UDaniyeli  wanquma ukubhunkula ame amele  into engambiza alahlekelwe yimpilo  yakhe .Kwambiza ukholo nesibindi, uNkulunkulu owamvuza ngaso ngenduna yabathenwa  u Ashpenaz . 

Yindawo le nathi esizithola kuyo nanamhlanje .Ngihabe neningi ,kumbe ngakuNkunkulu ,ngimele engikwaziyo ukuthi kuliqiniso ? Imvamisa sikhwica imisila  sihobe ngakuloluhlangothi lweningi ngoba sesaba imiphumela engase isivelele ,uma sinqaba izindlela zokuphila zakulelizwe . 

Ngizwe kahle sihlobo sami .UNkulunkulu uyabahlonipha labo abamhloniphayo .Bhunkulu ,nquma ukuma uqine. 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..