... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Imifino Ebabayo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Eksodusi 12:8 Bazakuyidla inyama ngalobo busuku,yosiwe ngomlilo;bayakuyidla kanye nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.

Listen to the radio broadcast of

Imifino Ebabayo


Download audio file

Lento yonke ‘yesono’ ,yebo akuseyona into ezwakala ngokudumile kulezinsuku.Kodwa khona manjalo mina nawe ,siyazi ukuthi uma senza into ewrong ,inemiphumela .Ishiya ukubaba emlonyeni wakho . 

Yebo isono sinemiphumela ,noma ngabe sihehana kangakanani isilingo esiholele kuso phambilini.Asikwazi ukukhuluma ngePhasika singakhulumanga ngesono sethu ,ngoba yisona sizathu kanye uJesu ,ophinde abizwe ngokuthi yiWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe,wafa kulesosiphambano .Ukukhokhela inani  lobulungiswa elifunwa nguNkulunkulu ngezono zethu . 

Kulezinsuku besike sakhuluma kabanzi ngokunotha kophawu lwesidlo sePhasika .Ngoba ngesikhathi uNkulunkulu ekhulula abantu baKhe ebugqilini eGibhithe kwizinkulungwane zeminyaka andukuba uJesu abethelwe ,wabayala ukuba babulale iwundlu qede bapende igazi lalo ezicabheni zabo  ukuze ingelosi yokufa ,kwinhlupheko yeshumi yokugcina  phezu kweGibhithe ,yedlule phezu kwezindlu zabo ,bavikelwe yilona .

Baphinde futhi bayalwa ukulidla nemifino ebabayo  nesinkwa esingenamvubelo ,andukuba baphunyuke kwelikaFaro ngakusasa ,sebehujwa yibutho likaFaro elikhulu . 

Eksodusi  12:8Bazakuyidla inyama ngalobo busuku,yosiwe ngomlilo;bayakuyidla kanye nesinkwa esingenamvubelo  nemifino ebabayo.

Imfino ebabayo ,hheeh? Kungani ? Yebo kuluphawu olunothile kakhulu olwalungeke lulahleke kulawo Ma-Israel  ngoba umuzwa wokuba yisgqila wabe ungobabayo ngokwesihluku esihlasimulisayo . 

Futhi kuyisikhumbuzo nakimi nawe ukuthi ukubaba kwesono sethu akuyona neze into esingafuna ukubuyela siyophila kuyona.Yingakho uJesu weza – iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zeZwe. 

UJesu wasifela ukuze asifake ekuphileni okusha ceke .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..