... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Indlela Ephumayo Empakamweni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 18:3,4 Wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu. Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu.

Impakamo akusikho nje ukuthi yimbi – yinto le esiyibonayo kuwo wonke umuntu esihlangana naye ogcwele impakamo. Impakamo yimbi kabi ngoba isiqhelisa kuNkulunkulu. 

Futhi yebo nebala ,yinkulumo eqinile leyo – ukuthi impakamo isehlukanisa noNkulunkulu .Omunye wabafundisi beZwi engimkhonzile ngu John Piper ,uyibeka kanje :

Impakamo ingukuchiliza ukuzimela  okusabungane bokuncika kuNkulunkulu ngokokuthandwa nguNkulunkulu – okuncimishi  nokungathi ingukuzimela wena ungambali kweyakho impilo 

Ngumqondo lo wokuhlala uzicabanga ugcwele umina ,ngokwezinto okwazi ukuzifeza ,ama achievement ,oshayelwa ihlombe kukho uvese uzibone wena kuphela ungamboni okuphe lezoziphiwo .Yebo impela yimbi impakamo ,noNkulunkulu imnukela kabi emakhaleni .

Izaga 16:5 Bonke abazidlayo ngenhliziyo ,bayisinengiso kuJehova,impela abayikuyekwa.

Injalo nje ! Kodwa  nokho ayibongwe iNkosi ephinde yasenzela indlela :

NgokukaMathewu 18:3,4 Wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu. Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu.

Njengomuntu oweza eNkosini egcwele ukuzazisa nokuphakama ,wena owawungafunga umhlaba ngangiwuphethe njengepleti  ngokwami ,ngiyazikhumbula ngifunda lawamazwi,qede ngathi suka ngumbhedo wenkulumo le ! Kodwa ngesikhathi iNkosi iqhubeka ikhuluma kimi ngomusa wayo ,ngeZwi laYo futhi yakwazi ukuguqula ingqondo yami ,kusikhathi sinye ngiqhubeka ngiba nokukhululwa ,nokuthula nentokozo ngaphakathi enhliziyweni yami.

Ngoba impakamo yinkosi engundlovukayiphikiswa ebusa izimpilo zethu ngesandla sensimbi ,isichoboze. Uma siza kuNkulunkulu sivuma impakamo yethu kuYe , Njengokuba u -AW Tozer ebeka ,ngokokuthi lobuya buhle  nokuthamba kwenhliziyo kobungane ,yiyona ndlela kanye engukubuyela eMbusweni waKhe . 

Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..