... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Lowamkhuba Owodwa Osalayo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 119:92,93 Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami ,ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni .Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho ngokuba ungiphilisile ngazo .

Uyazi kuyamangaza ukuthi kulula ukugudluka emkhubeni wokwenza kahle qede ubuyele kulomkhuba ongemuhle  owawuwenza.Unqume ukudla ukudla okunempilo ,wehlise oncamnce nokunye qede dukuduku nguwe lowaya usumolokoshela kwasana efunwa wulimi .Sikwenziswa yini lokho ? Kungani lokho kwenzeka ?

Kuyadidana lokho ,akunjalo? Leyomkhuba yokwenza okungekuhle ,noma ngabe iyini kuwe kodwa inomhlola wokulokhu lungu nansi ithi thushu isibuya futhi ,ngisho sisuke sazi kahle ukuthi imikhuba emihle ilusizo olukhulu esiba nalo kuyo . 

Kodwa kunomkhuba omuhle ,lowo ongushampeni oshaya yonke eminye amakhanda ,wona ukwazi ukuvimba leminye ingabe isenzeka.Nanku la okhona ,umbhali walamaHubo ekhuluma noNkulunkulu : 

Amahubo  119:92,93 Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami ,ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni .Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho  ngokuba ungiphilisile ngazo .

Kunezigaba ezimbili kulenkulumo .Okokuqala ,uma sisekuhluphekeni iZwi likaNkulunkulu liyasimisa .Lisilethela ukuthokoza ,okuyinto kanye esiyidingayo ngesikhathi sisekuhluphekeni ,ngoba intokozo kaNkulunkulu iyasigcina isimise .Okwesibili ,ngumqondo wokungazikhohlwa iziyalelo zikaNkulunkulu ngoba zisinika ukuphila . 

Inkinga ngukuthi siyayikhohlwa imiyalelo kaNkulunkulu.Mina ,ngingumfundisi weZwi likaNkulunkulu ,yinto engiyenza nsuku zasa le okungathi kufana nomsebenzi womqashi owuvukela njalo .Kodwa uma  ngingekho eZwini likaNkulunkulu ngibe sengiqala ukukhohlwa .Ngiyaqala nginyelelele emikhubeni yami yaphambilini engemihle .

Umkhuba onamandla osivikelayo ,osinika intokozo ,osikhumbuzayo nosenza sibambe impilo entsha engokuthi uJesu wasifela qede wavuka ukusinika ukuphila ,wukuba seZwini likaNkulunkulu usuku nosuku .Akudingi uze ufunde izahluko ezinhlanu .Sihlobo sami ivesi elilodwa uma nje silivumela lingene lijule ezinhliziyweni zethu ,liyasisindisa ,lingakusindisa namhlanje .

Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami ,ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni .Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho  ngokuba ungiphilisile ngazo .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..