... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuphuma Ukhululeke

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 12:2 Ningalingisi lelizwe kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu ,ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu okuhle ,nokuthandekayo nokupheleleyo.

Izolo sikhulume ngokushiya emumva izono zethu .Ngoku  ‘phenduka’ ,ukwenza into okuyiyo enhle ,esikhundleni sokugida ndawonye wenza into eyodwa umlibe ungaguquki kuyo .Kodwa inkinga  ngalokho , ngukuthi akukho lula .Akulula nhlobo. 

Uma uzozwa ngomuntu owayiyexhwele owayehlale ephafuza intuthu wena ongafunga ukuthi yimibhoshongo   yamapayipi ekhipha intuthu emafemeni akhanda iphepha  – othola ukuthi ubhema amaphakethe amathathu ngosuku – angakutshela ukuthi akulula nhlobo ukuphuma kulolohlobo lwempilo  esimngenile .Ncimishi njengalesosimbelambela se addiction  yogwayi ongayekeki ,nathi siyaqhubeka sibambelele ezintweni esazi kahle ziyasibulala .

Noma kungathiwa ukungethembeki,ukuziphatha kabi kwezocansi,ukudinwa ,umona ,impakamo …uhla lude .Ndlelana thizeni asifuni ukuzidedela lezizinto .Asibukeki sizimisele ukufuna ukuzidedela .

Kucishe kufane nengubo ekumpintshayo  okulula usayigqoka okunzima mase kumele uyikhumule ,uke uyizwe angithi ?  Manje pho ithini impendulo la ? Siphuma kanjani ekwenzeni kwethu okuyizinjwayezi ezimbi ? 

KwabaseRoma  12:2 Ningalingisi lelizwe kodwa niguqulwe isimo  ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu ,ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu okuhle ,nokuthandekayo nokupheleleyo.

Kubukeka sengathi uNkulunkulu usemsebenzini woguquko – umsuka ligama  ngesiGrekhi osebenzisiwe lapha uthi –metamorphoo, futhi uPhawuli uyabhala lapha uthi indlela ukubamba lenjula ,yoguquko olunamandla [imetamorphosis –ukuphuma kwesinye isigaba sokuphila ungene kwesinye esehlukile njengovemvane oluqala lusasiqubuqubu  qede  lugcine selunamaphiko selusanyoni] lwenzeka ngokwenziwa busha kwengqondo yethu – mhlampe singathi ‘ukuguqulwa kwengqondo yethu’ kulezinsuku – ukuze kuthi ngezinhlolo nezivivinyo zempilo ,sizokwazi ukubamba intando kaNkulunkulu enhle ,emukelekile ne perfect .  

Angazi kunjani kuwe ,kodwa nansi indlela kimi okuzibeka ngayo .Ngesikhathi ngimukela iZwi likaNkulunkulu enhliziyweni yami ,linjengesibuko emphefumlweni wami .UMoya oNgcwele ukhazimulisa ukukhanya kwaKhe  ezindaweni ezimnyama  ebese ,ngesimangaliso ,izinto zenzeke  ezinginika  ithuba ukuphila lokho angikhombise khona . 

Ungalenzi iphutha ukhohlwe ukuthi uNkulunkulu usemsebenzini woguquko.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..